Skip to Content

"sonile"

16 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 7:6

Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku , bathi khona : Sonile kuJehova . USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa. Ukwahlulwa kwamaFilisti

AbAhluleli 10:10

Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.

AbAhluleli 10:15

Abantwana bakwa -Israyeli bathi kuJehova : Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.

AmaHubo 106:6

Sonile kanye nawobaba; senzile okubi, sonakala.

IsiLilo 5:16

Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!

UDaniyeli 9:11

Wonke u -Israyeli weqile umthetho wakho , echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho ; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.

UDaniyeli 9:15

Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

UDaniyeli 9:5

sonile, siziphathe kabi , senzile okubi , sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho;

UDaniyeli 9:8

Jehova, kithina kukhona amahloni obuso : kuwo amakhosi ethu , nakuzo izikhulu zethu, nakobaba, ngokuba sonile kuwe.

UJeremiya 14:20

Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.

UJeremiya 14:7

Noma izono zethu zifakaza ngathi , sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho ; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.

UJeremiya 3:25

Masilale phansi namahloni , ihlazo lethu lisisibekele , ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu , thina nawobaba , kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.

UJeremiya 8:14

Sihlalelani na ? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona , ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile , wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.

UNehemiya 1:6

ukuba indlebe yakho ilalele, namehlo akho avuleke, ukuze uzwe umkhuleko wenceku yakho engiwukhuleka phambi kwakho ngalesi sikhathi imini nobusuku ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli izinceku zakho, lapho ngivuma izono zabantwana bakwa -Israyeli esone ngazo kuwe ; yebo, nami nendlu kababa sonile.

UNumeri 14:40

Bavuka ekuseni kakhulu , benyukela esiqongweni sentaba , bathi: Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.

UNumeri 21:7

Abantu bafika kuMose , bathi: Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi . UMose wabakhulekela abantu.