Skip to Content

"suka"

41 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:12

Ngalokho suka uye endlini yakho ; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana.

1 AmaKhosi 17:3

Suka lapha, uye ngasempumalanga , ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.

1 AmaKhosi 17:9

Suka uye eSarefati elingeleSidoni , uhlale khona ; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.

1 AmaKhosi 21:15

Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.

1 AmaKhosi 21:18

Suka wehle , umhlangabeze u -Ahabi, inkosi yakwa -Israyeli, oseSamariya; bheka, usesivinini sikaNaboti, lapho ehlele khona ukusidla.

1 iziKronike 22:16

eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.

1 uSamuweli 16:12

Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle , emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.

1 uSamuweli 23:4

UDavide waphinda wabuza kuJehova . UJehova wamphendula wathi : Suka wehlele eKeyila, ngokuba ngiyakunikela amaFilisti esandleni sakho.

2 AmaKhosi 1:3

Kepha ingelosi kaJehova yathi ku -Eliya waseThishibi : Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithu nywa zenkosi yaseSamariya , uthi kuzo : Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba niye nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?

2 AmaKhosi 8:1

U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi : Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.

2 uSamuweli 16:7

UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe , wathi: Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi!

2 uSamuweli 19:7

Ngalokho suka , ukhulume kahle ezincekwini zakho , ngokuba ngifunga uJehova ngithi, uma ungaphumi, akuyikusala muntu kuwe ngalobu busuku; lokhu kuyakuba kubi kuwe kunakho konke okubi okukwehlele kwasebusheni bakho kuze kube namuhla.

AbAhluleli 8:20

Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: Suka ubabulale . Kepha umfana kahoshanga inkemba yakhe, ngokuba wesaba lokhu engumfana.

AbAhluleli 8:21

Base bethi oZeba noSalimuna : Suka wena , usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo . Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbe du ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo. UGideyoni uyala ukubekwa inkosi

IzAga 14:7

Suka phambi komuntu oyisiwula, ngokuba lapho awuboni izindebe zokwazi.

IzEnzo 8:26

Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu , yathi: Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.

IzEnzo 9:11

INkosi yayisithi kuye: Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu ; ngokuba bh eka, uyakhuleka;

NgokukaLuka 13:31

Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile , bathi kuye: Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.

NgokukaLuka 5:14

Wamyala ukuba angatsheli muntu , wathi: Kepha suka , uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.

NgokukaLuka 5:8

Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho , waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.

NgokukaMathewu 17:20

Wayesethi kubo : Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane . Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: Suka lapha, uye laphaya, iyakusuka; akukho okuyakunahlula.

NgokukaMathewu 4:10

Khona uJesu wathi kuye : Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi : Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.

U-Eksodusi 10:28

UFaro wathi kuye : Suka kimi , uqaphele ukuba ungabuboni ubuso bami futhi; ngokuba mhla ubona ubuso bami, uyakufa.

U-Isaya 30:22

Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide ; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: Suka lapha.

UGenesise 13:17

Suka udabule izwe , ubude balo nobubanzi balo , ngokuba ngiyakukunika lona.

UGenesise 19:9

Bathi: Suka lapha! Bathi futhi: Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale ; usefuna ukwahlulela ; manje siyakukuh lupha wena kunabo . Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

UGenesise 26:16

U-Abimeleki wathi ku -Isaka: Suka kithina , ngokuba unamandla kakhulu kunathi.

UGenesise 35:1

UNkulunkulu wathi kuJakobe : Suka ukhuphukele eBethele , uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i -altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.

UGenesise 44:4

Esephumile emzini , engakabi kude , uJosefa wathi encekwini yakhe : Suka ulandele lawo madoda ; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi : Niphindiseleni okuhle ngokubi na?

UHezekeli 3:22

Isandla sikaJehova saba phezu kwami lapho, wathi kimi: Suka, uphume uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe khona.

UJeremiya 13:6

Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi : Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.

UJeremiya 18:2

Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.

UJobe 21:14

Nokho bathi kuNkulunkulu: Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.

UJobe 22:17

nezathi kuNkulunkulu: Suka kithina, ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?

UJona 1:2

Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.

UJona 3:2

Suka uye eNineve , umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.

UJoshuwa 1:2

UMose inceku yami ufile ; ngalokho suka uwele leli Jordani , wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 7:13

Suka ungcwelise abantu, uthi: Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho , ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

UJoshuwa 8:1

UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi, ungabi naluvalo ; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;

UMika 4:13

Suka ubhule , ndodakazi yaseSiyoni , ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi , nezinselo zakho ngizenze insimbi ; uyakuchoboza abantu abaningi, kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo, nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

UMika 6:1

Ake nizwe akushoyo uJehova , ethi: Suka ulwe phambi kwezintaba , uzwise amagquma izwi lakho.