Skip to Content

"susa"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:24

Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,

1 uSamuweli 14:19

Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: Susa isandla sakho.

1 uSamuweli 1:14

U-Eli wathi kuye : Uyakudakwa kuze kube nini na ? Susa iwayini lakho kuwe.

AmaHubo 119:22

Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

AmaHubo 119:29

Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.

AmaHubo 39:10

Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:5

Susa amehlo akho kimi , ngokuba ayangiphaphathekisa; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi owehla entabeni yakwaGileyadi.

IzAga 25:4

Susa amanyela esiliveni, bese kuthi kuphumele umkhandi isitsha.

IzAga 25:5

Susa omubi phambi kwenkosi, bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.

IzAga 4:24

Susa kuwe ukuphambana komlomo , nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.

NgokukaJohane 19:15

Ngakho bamemeza bathi : Susa, susa, mbethele esiphambanweni ! Wathi kubo uPilatu : Ngibethele inkosi yenu na ? Abapristi abakhulu baphendula bathi: Asinankosi, uKesari kuphela.

NgokukaLuka 22:42

wathi: Baba, uma uthanda , susa lesi sitsha kimi ; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.

NgokukaLuka 23:18

Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: Susa lo, usikhululele uBaraba,

U-Amose 5:23

Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho, angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.

UHezekeli 21:26

isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Susa isigqoko , wethule umqhele ; lokhu akuyikuba yikho; phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.

UHoseya 14:2

Thabathani amazwi , nibuyele kuJehova , nithi kuye : Susa konke okubi , wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.

UJoshuwa 19:5

neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa,