Skip to Content

"susani"

6 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 7:3

USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka -Israyeli, wathi: Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no- Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova , nimkhonze yena yedwa ; uyakunophula esandleni samaFilisti.

NgokukaJohane 11:39

Wathi uJesu: Susani itshe. UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.

NgokukaJohane 2:16

wathi k wabathengisa ngamajuba : Susani lokhu lapha , ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.

UHezekeli 45:9

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Makwanele kini nina zikhulu zakwa - Israyeli; susani ubudlova nokuphanga, nenze ukwahlulela nokulunga, niyeke ukuxosha abantu bami, isho iNkosi uJehova.

UJeremiya 5:10

Khuphukelani ezingangeni zalo , nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.

UJoshuwa 24:23

Wathi: Susani manje onkulunkulu babezizwe abaphakathi kwenu , nithobele izinhliziyo zenu kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.