Skip to Content

"thatha"

34 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:57

UDavide esabuya ekubulaleni umFilisti , u-Abineri wam thatha wamyisa phambi kukaSawule, ephethe ikhanda lomFilisti esandleni sakhe.

1 uSamuweli 9:3

Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka . UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.

2 AmaKhosi 13:15

U-Elisha wathi kuye : Thatha umnsalo nemicibisholo . Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo.

2 AmaKhosi 13:18

Wayesethi: Thatha imicibisholo . Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa - Israyeli: Shaya emhlabathini. Yashaya kathathu, yayeka.

2 AmaKhosi 4:36

Wayesembiza uGehazi , wathi: Mbize lowo mShunemikazi . Wambiza. Esengene kuye, wathi: Thatha indodana yakho.

2 kuThimothewu 4:11

nguLuka yedwa onami . Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni.

2 uSamuweli 20:6

Wayesethi uDavide ku-Abishayi: Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno -Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho , umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.

AbAhluleli 6:20

Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye : Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi. Wenze njalo.

AbAhluleli 6:25

Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: Thatha iduna likayihlo nenye inkunzi eneminyaka eyisikhombisa , ubhidlize i -altare likaBali uyihlo analo , ugawule u-Ashera ongakulo,

AmaHubo 35:2

Thatha ihawu nesihlangu, uvuke, ungisize.

IzAga 20:16

Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

IzAga 27:13

Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.

NgokukaLuka 16:6

Wathi: Amabhati ayikhulu amafutha . Wayesethi kuye : Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amashumi ayisihlanu.

NgokukaLuka 16:7

Khona wathi komunye : Wena-ke unecala elingakanani na ? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni . Wathi kuye : Thatha incwadi yakho , ulobe amashumi ayisishiyagalombili.

NgokukaMathewu 17:1

Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wa thatha oPetru , noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.

NgokukaMathewu 18:16

Kodwa uma engakuzwa , thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.

NgokukaMathewu 20:14

Thatha okwakho , uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe.

U-Eksodusi 16:33

UMose wathi ku -Aroni: Thatha isitsha, ufake iyomere eligcweleyo lemana , ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.

U-Eksodusi 7:19

UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe , naphezu kwemifula , naphezu kweminonjana yabo , naphezu kweziziba , naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi , kube khona igazi ezweni lonke l aseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.

U-Eksodusi 7:9

Nxa uFaro ekhuluma kini , ethi: Zifakazeleni ngesimangaliso, uyakusho ku- Aroni ukuthi : Thatha induku yakho , uyiphonse phansi phambi kukaFaro , ukuze iphenduke inyoka.

U-Ezra 5:15

wathi kuye : Thatha lezi zitsha , uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema , indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.

U-Isaya 23:16

Thatha ihabhu, uhambahambe emzini wena sifebe esikhohlakeleyo, ubethe kamnandi, uhlabelele izihlabelelo eziningi, ukuze ukhunjulwe.

U-Isaya 47:2

Thatha amatshe okugaya , ugaye impuphu , uyisuse imvakazi yakho , uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.

UGenesise 22:2

Wayesethi: Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya , unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.

UGenesise 48:22

Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engalu thatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.

UHezekeli 10:6

Kwathi lapho eyala indoda eyembethe ilineni , ethi: Thatha umlilo phakathi kwamasondo ayingilizayo phakathi kwamakherubi , yangena, eceleni kwesondo.

UHezekeli 24:5

Thatha okukhethekileyo komhlambi , ubungele izinkuni phansi kwalo , ulibilise nokulibilisa, kuphekwe namathambo phakathi kwalo.

UHezekeli 37:16

Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe . Thatha enye induku , ulobe kuyo ngokuthi: EkaJosefa, induku ka -Efrayimi neyendlu yonke yakwa - Israyeli, abangane bakhe,

UJeremiya 13:4

Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e- Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.

UJeremiya 25:15

Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunk ulu ka -Israyeli kimi , wathi: Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami , uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo.

UJeremiya 32:14

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthenga enamathelisiweyo nale ncwadi evulekileyo , uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi.

UJeremiya 38:10

Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.

UJeremiya 43:9

Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu , uwashiqele odakeni kuhonela ongasemnyango wendlu kaFaro eThahipanesi emehlweni abantu bakwaJuda,

UNumeri 16:46

UMose wathi ku -Aroni: Thatha umcengezi wakho womlilo , ubeke kuwo umlilo wase -altare, ufake impepho ngaph ezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.