"ubowazi"
17 occurrences in ZUL
Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli ; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini , wayimisa nensika yasokhohlo , waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi;
uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
Wazimisa izinsika phambi kwethempeli , enye ngakwesokunen e nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.
UBowazi waphendula, wathi kuye: Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.
Ngesikhathi sokudla uBowazi wathi kuye : Woza lapha , udle isinkwa , ugcobhoze ucezu lwa kho kuviniga . Wahlala eceleni kwabavuni , wamnika utshwele, wadla wasutha, washiya phansi.
Esesukile ekukhothozeni uBowazi wayala abafana bakhe , wathi: Makakhothoze nasezithungwini, ningamkhathazi.
Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema , wathi kwabavunayo : UJehova makabe nani. Bathi kuye: UJehova makakubusise.
Wayesethi uBowazi encekwini yakhe eyayibekwe phezu kwabavuni : Ngekabani le ntombazana na?
UBowazi wayesethi kuRuthe : Angithi uyezwa, ndodakazi yami ? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu , futhi ungasuki lapha , kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha.
Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na ? Bheka, uyela ibhali kusihlwa esibuyeni.
UBowazi wadla waphuza , inhliziyo yakhe yathokoza , waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele ; wafika kahle , wambula izinyawo zakhe, walala.
UBowazi wenyukela esangweni , wahlala phansi khona ; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi , wadlula; wathi kuye : We wena sibanibani , phambuka, uhlale lapha. Waphambuka, wahlala phansi.
UBowazi wayesemthatha uRuthe , waba ngumkakhe ; wangena kuye ; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.
uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede;
Wathi uBowazi: Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi , ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.
UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke : Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka -Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi.