Skip to Content

"uboya"

15 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 3:4

UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.

AbAhluleli 6:37

bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke , ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.

AbAhluleli 6:38

Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi.

IzAga 31:13

Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo.

U-Eksodusi 35:26

Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.

UDuteronomi 22:11

Awuyikugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana , uboya bezimvu buhlanganisiwe nelineni.

UHezekeli 34:3

Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi.

UHezekeli 44:17

Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elin gaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni , uboya bezimvu bungabathinti , lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.

UHoseya 2:5

Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi : Ngiyakulandela izithandwa zam i ezinginika isinkwa sami namanzi ami , uboya bami bezimvu nefilakisi lami , amafutha ami nokuphuza kwami.

UHoseya 2:9

Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo , newayini lami elisha ngenkathi yalo , ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokusibekela ubunqunu bakhe.

UJobe 4:15

Kwadlula umoya ebusweni bami; uboya bomzimba wami bavuka.

ULevitikusi 13:10

umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumben i, liphendulile uboya baba mhlophe , nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,

ULevitikusi 13:20

umpristi abheke ; uma libonakala lishonile kunesikhumba , uboya balo buphendukile baba mhlophe , bheka, makasho athi ungcolile : kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

ULevitikusi 13:25

umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe , libonakala lishonile kunesikhumba , bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini ; khona umpristi uyakusho athi ungcolile ; kuyisifo sochoko.

ULevitikusi 13:3

umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama ; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe , kuyisifo sochoko ; umpristi uyakumbheka , asho athi ungcolile.