Skip to Content

"ubusa"

9 occurrences in ZUL

1 iziKronike 29:12

Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe , wena ubusa phezu kwakho konke ; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha , esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.

2 uSamuweli 16:8

UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe ; uJehova unikele umbuso esandleni sika -Abisalomu indodana yakho ; bheka, usubhajiwe ebubini bakho , ngokuba ungumuntu wegazi.

AmaHubo 103:19

UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini ; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.

AmaHubo 66:7

Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade ; amehlo akhe ayahlozinga izizwe; abanenkani mabangaziphakamisi. Sela

UDaniyeli 4:17

Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwe le ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu , ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.

UDaniyeli 4:25

sokuthi uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi , umanziswe ngamazolo ezulu , kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.

UDaniyeli 4:32

uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.

UDaniyeli 5:21

waxoshwa kubantwana babantu ; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu , waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu , ubeka phezu kwayo amthandayo.

UJobe 34:29

Lapho yena ethula , ngubani ongalahla , nalapho ethukusa ubuso bakhe , ngubani ongambona na ? Ubusa ngokufananayo , noma kuyisizwe noma kungumuntu,