"ubusuku"
62 occurrences in ZUL
ukuba amehlo akho avulekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owathi ngayo: Igama lami liyaku ba khona lapho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.
Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu , uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,
Ngokuba niyakhumbula , bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini , ukuze singasindi noyedwa kinina , sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.
Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu , siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.
Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi , ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami . USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.
babe lugange kithi ubusuku nemini, sonke isikhathi sinabo salusa izimvu.
ukuba amehlo akho avul ekele le ndlu ubusuku nemini , indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho , uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nale ndawo.
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe , njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,
ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;
asidlanga sinkwa samuntu ngesihle , kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini,
UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana ; uDavide wazila ukudla , wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.
Bamthatha u -Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBethlehema . UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.
Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe , bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.
Kwathiwa kumaGaza : USamsoni ufikile lapha . Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi ; bathula ubusuku bonke , bathi: Makube sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.
Kepha abantu kabavumanga ukumlalela; khona lowo muntu wasibamba isancinza sakhe , wasikhiphela kubo ; basazi, basona ubusuku bonke kwaze kwaba sekuseni; ekuthatheni kokusa basiyeka.
Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.
Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.
ubumnyama bebungayikuba mnyama ku we, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.
Usuku luyalandisa usuku inkulumo, nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi.
namasango awo awasoze avalwa emini , ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho;
Ubusuku abusayikuba khona ; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela ; bayakubusa phakade naphakade. Iqiniso lombono
Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.
ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi , zikhonza ngesineke ubusuku nemini ; ngalelo themba , nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda.
Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile.
Ubusuku sebuyaphela , imini isisondele . Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo , kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu.
engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombi li nane, engasuki ethempelini , ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
USimoni waphendula wathi : Nkosi, sishikile ubusuku bonke , asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.
Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhu leka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani.
Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni , ememeza, ezilimaza ngamatshe.
Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku , ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle ; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke , waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.
Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.
Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani , ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini ; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo , ngingene enkosini noma kungengamthetho ; uma ngibhubha, mangibhubhe.
Mina Jehova ngingumlind i waso , ngiyakusinisela njalo ; funa soniwe , ngiyakusilinda ubusuku nemini.
Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane l iyakuba yize , akuyikulidabula muntu nanini nanini.
Inkosi yase iya endlini yayo yobukhosi, yadlulisa ubusuku izila; izinkenezo zokubethwa azilethwanga kuyo, nobuthongo bayibalekela.
Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse.
isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini , kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku , ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.
ukuphila kwakho kujikiswa phambi kwakho , wesabe ubusuku nemini , ungabe usaba nethemba ngokuphila kwakho;
wathi: Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu , nihlale ubusuku , nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa , nihambe indlela yenu. Zathi: Qha, siyakuhlala phandle.
UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu , inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini , nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku , kanye nezinkanyezi.
UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini ; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.
Wafika endaweni ethile , wahlala khona ubusuku bonke , ngokuba ilanga lase lishonile ; wathatha elinye lamatshe aleyondawo , walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.
Uma ebengenami uNkulunkulu kababa , uNkulunkulu ka -Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze . UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami , wakusola ubusuku obudlule.
UJakobe wanikela ngomhlatshelo entabeni, wabiza abafowabo ukuba badle isinkwa; badla isinkwa, bahlala ubusuku bonke entabeni.
Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko , umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke ; ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka , yini ukuba ube njengo mfokazi ezwen i nanjengesihambi esingenisay o ukuba silale ubusuku nje na?
Ubusuku babenza imini, bathi: Ukukhanya kuseduze nobumnyama.
Impande yami iyazivulela amanzi ; amazolo alala ubusuku bonke egatsheni lami;
Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.
Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe ; mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka, bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
kanjalo ngithole ifa lezinyanga zokubi; ngimiselwe ubusuku bezinhlupheko.
Lapho ngilala phansi , ngisho ngithi : Ngingavuka nini , ngokuba ubusuku bude; ngigcwele ukubinyabinyeka kuze kuse.
UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke.
Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzunge ze umuzi , wawuhaqa kanye; base befika ekamu, balala ubusuku ekamu.
Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze -altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka , zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzw a kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
Ungamcindezeli umakhelwane wakho , ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.
Yala u -Aroni namadodana akhe , uthi: Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo.
Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono , kuhlwe kini , ningabe nisabhula ; ilanga liyakushonela abaprofethi , usuku lube mnyama phezu kwabo.
Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni ; nalapho ifu lenyuswa ekusen i, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini , bahamba lapho ifu lenyuswa.