Skip to Content

"uchoko"

8 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 5:27

Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade . Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko , emhlophe njengeqhwa.

2 iziKronike 26:19

Wayesethukuthela u -Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho ; esabathukuthelele abapristi , kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe -altare lempepho.

NgokukaLuka 5:12

Kwathi ekomunye wemizi , bheka, nanso indoda egcwele uchoko . Kuthe embona uJesu , wawa ngobuso , wamnxusa wathi : Nkosi, uma uthanda , ungangihlambulula.

NgokukaLuka 5:13

Welula isandla sakhe , wamphatha, wathi: Ngiyathanda; hlambuluka. Masinyane uchoko lwasuka kuye.

NgokukaMarku 1:42

Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.

UDuteronomi 24:6

Akuyikubakho muntu oyakutha tha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso. Ukweba abantu; uchoko; ukutsheleka; nokunye

ULevitikusi 13:12

Uma uchoko luqhamuka esikhumbeni, ukuze uchoko lusibekele isikhumba sonke sonesifo , kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona kompristi,

ULevitikusi 13:13

umpristi wobheka ; uma uchoko lusibekele yonke inyama yakhe , bheka, uyakusho athi onesifo uhlambulukile ; konke kuphendukile kwaba mhlophe : uhlambulukile.