Skip to Content

"ufanele"

10 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 11:10

Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.

2 uSamuweli 12:5

Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu , wathi kuNathani : Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;

IsAmbulo 4:11

Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu weth u ukwamukela inkazimulo nodumo namandla , ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.

IsAmbulo 5:9

Ahlabelela igama elisha , athi: Ufanele wena ukuyithabatha incwad i nokuvula izimpawu zayo , ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,

KumaHeberu 10:29

pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu , wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?

KumaHeberu 3:3

Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose , njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu.

NgokukaJohane 19:7

Kepha abaJuda bamphendula bathi : Sinomthetho thina ; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 14:64

Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na? Bamlahla bonke ng okuthi ufanele ukufa.

NgokukaMathewu 26:66

Nithini na? Kepha baphendula bathi: Ufanele ukufa.

UJeremiya 26:11

Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: Lo muntu ufanele ukufa , ngokuba uprofethile ngalo muzi , njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.