Skip to Content

"ufile"

23 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:21

UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.

1 AmaKhosi 21:15

Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.

1 AmaKhosi 21:16

Kwathi u -Ahabi esezwile ukuthi uNaboti ufile , u-Ahabi wasuka ukuba ehlele esivinini sikaNaboti waseJizreyeli ukusidla. U-Ahabi usolwa ngu-Eliya

1 iziKronike 10:5

Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa.

1 kuThimothewu 5:6

kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.

1 uSamuweli 25:39

UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali , ovimbele inceku ya khe ebubini , wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe . UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.

1 uSamuweli 31:5

Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile , lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.

2 uSamuweli 11:26

Umka-Uriya esezwa ukuthi u -Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.

2 uSamuweli 12:18

Kwathi ngosuku lwes ikhombisa umntwana wafa . Izinceku zikaDavide zesaba ukumtshela ukuthi umntwana ufile , ngokuba zathi : Bhekani, umntwana esezwa sakhuluma kuye , akalalelanga izwi lethu ; pho, singamtshela kanjani ukuthi umntwana ufile? Angenza ingozi.

2 uSamuweli 12:19

Kepha uDavide ebona uk uthi izinceku zakhe ziyanyenyezelana , uDavide waqonda ukuthi umntwana ufile ; uDavide wayesethi ezincekwini zakhe : Usefile umntwana na? Zathi: Ufile.

2 uSamuweli 2:7

Ngalokho maziqine izandla zenu , nibe nesibindi , ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.

2 uSamuweli 4:1

Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.

2 uSamuweli 4:10

umuntu owangit shela ukuthi : Bheka, uSawule ufile , ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle , ngambamba, ngambulala eSikilagi , ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;

AbAhluleli 9:55

Kwathi abantu bakwa -Israyeli bebonile ukuthi u -Abimeleki ufile , bamuka baya, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe.

EkaJakobe 2:26

Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile , kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.

IsAmbulo 3:1

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.

KwabaseRoma 8:10

Uma uKristu ekini , umzimba ufile ngenxa yesono , kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.

NgokukaJohane 11:14

Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: ULazaru ufile;

UGenesise 42:38

Wathi: Indodana yami ayiyikwehla nani , ngokuba umfowabo ufile , kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo , niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.

UGenesise 44:20

Sase sithi enkosini yami : Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.

UGenesise 50:15

Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile , bathi: Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.

UJoshuwa 1:2

UMose inceku yami ufile ; ngalokho suka uwele leli Jordani , wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 20:29

Lapho inhlangano yonke ibona ukuthi u -Aroni ufile , bamlilela u -Aroni izinsuku ezingamashumi amathathu, yonke indlu yakwa-Israyeli.