Skip to Content

"ugadi"

11 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:11

UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: UJehova usho kanje, uthi:

1 iziKronike 21:18

Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi.

1 uSamuweli 22:5

Umprofethi uGadi wathi kuDavide : Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda. Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti. USawule ubulala abaseNobi

2 uSamuweli 24:11

Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:

2 uSamuweli 24:13

UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

2 uSamuweli 24:18

UGadi wafika ngalolo suku kuDavide , wathi kuye : Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

UDuteronomi 33:20

NgoGadi wathi: Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyamakazi, udwengula ingalo nokhakhayi.

UGenesise 30:11

ULeya wayesethi : Kwenziwe inhlanhla , waqamba igama layo ngokuthi uGadi.

UGenesise 49:19

UGadi, iviyo liyakumcindezela, kepha yena uyakucindezela isithende salo.

UHezekeli 48:27

Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni , kusukela ohlangothi lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi uyakuba nesabelo.

UNumeri 13:11

Owesizwe sakwaJosefa, owesizwe sakwaManase: uGadi indodana kaSusi.