Skip to Content

"ugehazi"

7 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 4:14

Wayesethi: Angenzelwa ntoni na ? UGehazi wathi : Impela akanandodana , nendoda yakhe isindala.

2 AmaKhosi 4:27

Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni , wabamba izinyawo zakhe . UGehazi wasondela ukuba amxoshe , kepha umuntu kaNkulunkulu wathi : Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe ; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.

2 AmaKhosi 4:31

UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo , walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka . Ngalokho wabuya ukumhlangabe za, wamtshela ukuthi: Umntwana akavukanga.

2 AmaKhosi 4:36

Wayesembiza uGehazi , wathi: Mbize lowo mShunemikazi . Wambiza. Esengene kuye, wathi: Thatha indodana yakho.

2 AmaKhosi 5:20

Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase -Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.

2 AmaKhosi 5:21

UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe , wehlika enqoleni ukumhlangabeza , wathi: Nisahlezi kahle na?

2 AmaKhosi 8:5

Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo , bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: Nkosi yami, nkosi, yilo owesifazane, yile indodana yakhe u-Elisha ayivusileyo.