Skip to Content

"ugideyoni"

24 occurrences in ZUL

AbAhluleli 6:11

Kwafika ingelosi kaJehova , yahlala phansi kwe -oki lase -Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.

AbAhluleli 6:13

UGideyoni wathi kuyo : O nkosi yami , uma uJehova enathi , konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: UJehova akasikhuphulanga eGibithe na ? Kepha manje uJehova u silahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.

AbAhluleli 6:19

UGideyoni wangena , walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e -efa lempuphu ; wayibeka inyama eqomeni , wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki, wakunikela.

AbAhluleli 6:22

Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova ; uGideyoni wathi : Maye, Nkosi Nkulunkulu ! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.

AbAhluleli 6:24

UGideyoni wamakhela uJehova i -altare khona , waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.

AbAhluleli 6:27

UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe , wenza njengalokho uJehova ekhulumile kuye; kwathi lokhu ebesaba abendlu kayise nabantu bomuzi ukuba angakwenzi emini, wakwenza ebusuku.

AbAhluleli 6:34

Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni , wabetha icilongo , kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.

AbAhluleli 6:36

UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Uma uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile,

AbAhluleli 6:39

UGideyoni wathi kuNkulunkulu : Intukuthelo yakho mayingangivutheli , ngizakukhuluma kanye kuphela : Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.

AbAhluleli 7:13

Lapho efika uGideyoni , bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali lagingqikela ekamu lakwaMidiyani , lafika etendeni , lalishaya laze lawa , laligumbuqela, labhadalala.

AbAhluleli 7:15

Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo , wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.

AbAhluleli 7:19

UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi , besand ukubeka abalindi ; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.

AbAhluleli 7:24

UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa -Efrayimi, wathi: Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani. Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.

AbAhluleli 8:11

UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.

AbAhluleli 8:13

UGideyoni indodana kaJowashi wabuya empini ngasekwenyukeni kweHeresi.

AbAhluleli 8:21

Base bethi oZeba noSalimuna : Suka wena , usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo . Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbe du ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo. UGideyoni uyala ukubekwa inkosi

AbAhluleli 8:23

UGideyoni wathi ku bo: Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa ; nguJehova oyakunibusa.

AbAhluleli 8:24

UGideyoni wathi kubo : Mangicele okuthile kini ukuba ninginike , kube yilowo nalowo amacici empango yakhe . Babenamacici egolide , lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

AbAhluleli 8:27

UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho , wayibeka emzini wakhe e - Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona ; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.

AbAhluleli 8:30

UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

AbAhluleli 8:32

UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.

AbAhluleli 8:33

Kwathi esefile uGideyoni , abantwana bakwa -Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.

AbAhluleli 8:4

UGideyoni wafika eJordani , wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho.

AbAhluleli 8:7

UGideyoni wathi : Ngalokho nxa uJehova enikele oZeba noSalimuna esandleni sami , ngiyakuklebhula inyama yenu ngameva asehlane nangamazinyo ezinqola zokubhula.