Skip to Content

"ukubanika"

14 occurrences in ZUL

2 iziKronike 30:12

NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.

UDuteronomi 10:11

UJehova wayesethi kimi : Vuka uhambe phambi kwabantu ; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova

UDuteronomi 11:21

ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona , njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

UDuteronomi 11:9

nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

UDuteronomi 19:8

Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo , akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo,

UDuteronomi 1:35

Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,

UDuteronomi 30:20

ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho , ulilalele izwi lakhe , unamathele kuye , ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.

UDuteronomi 31:7

UMose wambiza uJoshuwa , wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa - Israyeli: Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona ; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.

UHezekeli 20:28

Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo , bese benikela khona ngemihlatshelo yabo , banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.

UJeremiya 11:5

ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi -- njenganamuhla. Ngase ngiphendula ngithi: Amen, Jehova.

UJoshuwa 1:6

Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.

UJoshuwa 21:43

UJehova wamnika-ke u -Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise , balidla, bakha kulo.

UNumeri 11:13

Ngingathathaphi inyama ukubanika bonke laba bantu na? Ngokuba bakhala kimi, bathi: Siphe inyama ukuba sidle.

UNumeri 36:2

zathi: UJehova wayiyala inkosi yami ukubanika abantwana bakwa -Israyeli izwe libe yifa labo ngenkatho ; inkosi yami yayalwa futhi nguJehova ukuba ifa likaSelofehadi umfowethu iwanike lona amadodakazi akhe.