Skip to Content

"ukubhujiswa"

13 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 5:3

Nxa bethi : Ngukuthula nokuhlala kahle , khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.

2 kaPetru 2:1

Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe , njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo , bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;

AmaHubo 35:8

Ukubhujiswa makumehlele engazelele ; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.

IsiLilo 3:47

Uvalo nomgodi kusehlele, ukubhujiswa nokuchithwa.

IzAga 13:13

Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa.

IzAga 16:18

Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa , nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.

IzAga 17:19

Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko ; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.

KwabaseRoma 9:22

Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa

U-Isaya 10:23

Ngokuba iNkosi uJehova Sebawot i iyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyo phakathi kwawo wonke umhlaba.

UJeremiya 4:20

Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa , ngokuba izwe lonke liyachithwa. Amatende ami ayachithwa masinyane , nezilenge zami ngokuphazima kweso.

UJobe 28:22

Ukubhujiswa nokufa kuthi: Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.

UJobe 30:13

Achitha umkhondo wami; asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.

UJobe 31:23

Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu ; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.