Skip to Content

"ukubulala"

14 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 3:37

Base beqonda bonke abantu naye wonke u -Israyeli ngalolo suku ukuthi kwakungesikho okwenkosi ukubulala u-Abineri indodana kaNeri.

AbAhluleli 20:31

Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu , badonswa, baphuma emzini ; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele , omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.

AbAhluleli 20:39

Abantu bakwa -Israyeli babuyela emuva empini ; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa -Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.

AmaHubo 31:13

Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaning i ngokwesabisayo nxazonke ; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.

IzEnzo 27:42

Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa , funa ezinye zibaleke ngokuhlamba;

NgokukaJohane 18:31

Khona uPilatu wathi kubo : Mthatheni nina , nimahlulele ngomthetho wakini. Bathi kuye abaJuda: Asivunyelwe ukubulala umuntu,

NgokukaMathewu 15:19

Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi , ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.

U-Esteri 3:6

Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa , ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi.

UDaniyeli 2:14

Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha na ngokuqonda ku-Ariyoki induna yemilindankosi owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBabele;

UGenesise 18:25

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela , ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi ; lokhu makube kude nawe ; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?

UHezekeli 21:10

Ilolelwe ukubulala nokubulala , iphucuziwe ukuba ibe njengonyazi . Besiyakujabula na? Le ntonga, ndodana yami, idelela konke okomuthi.

UHezekeli 21:15

Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla , nezikhubekiso zabo zande , ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala!

UHezekeli 21:28

Wena ndodana yomuntu , profetha uthi : Isho kanje iNkosi uNku lunkulu ngabantwana bakwa -Amoni nangehlazo labo , ithi: Thana wena: Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,

UJoshuwa 8:24

Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e -Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona , bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa , bonke abakwa -Israyeli babuyela e -Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.