"ukubuyisana"
79 occurrences in ZUL
Kepha u -Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e -altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u -Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
abapristi bazihlaba , benza umnikelo wesono ngegazi lazo e -altare ukuba benzele u -Israyeli won ke ukubuyisana , ngokuba inkosi yayaleza ukuba umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono ube ngoka-Israyeli wonke.
wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni : Nginenzele ntoni na ? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?
Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha , ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana;
kepha akusikho lokho kuphela , kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana. Isono nokufa kwafika ngo-Adamu
badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa ; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
Imihla yonke wonikela ngen kunzi, ibe ngumnikelo wesono , ube ngowokubuyisana, uhlambulule i -altare, lapho ulenzela ukubuyisana , uligcobe ukuba ulingcwelise.
Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i -altare ukubuyisana , ulingcwelise, i- altare libe ngcwele kakhulu , nabo bonke abalithinta yo bayakuba ngabangcwele. Iminikelo eshiswa imihla yonke
U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka ; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova. Imali yokubuyisana
Ocebileyo akayikunika kakhulu , ompofu angatheli kancane kunenxenye yeshekeli, lapho benikela ngomnikelo kuJehova ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa -Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.
Kwathi ngangomuso uMose wathi kubantu : Nenzile isono esikhulu ; sengiyakukhuphukela kuJehova , uma mhlawumbe ngingenza ukubuyisana ngesono senu.
Amasonto angamashumi ayisikhombisa anqunyelwe abantu bakho nomuzi wakho ongcwele ukuqeda iziphambeko , nokukhawula izono , nokwenza ukubuyisana ngobubi, nokungenisa ukulunga okuphakade , nokunamathelisa umbono nesiprofetho, nokugcoba indlu engcwelengcwele.
Yenanelani abantu bakhe nina zizwe , ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.
Woza manje , senze isivumelwano mina nawe , sibe ngufakazi phakathi kwami nawe. Ukubuyisana kukaJakobe noLabani
Uyakuthatha okwegazi layo , ulibhece ezimpondweni zalo zozine , nasemagumbini omane onqenqema , nasemnceleni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.
Izinsuku eziyisikhombisa bayakwenzela i -altare ukubuyisana , balihlambulule, balingcwelise.
newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwa-Israyeli, libe ngumnikelo wempuphu , nomnikelo wokushiswa , nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova.
Kuyakuba phezu kwesikhulu ukuni kela ngeminikelo yokushiswa , nangeminikelo yempuphu , nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini , nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa -Israyeli, silungise umnikelo wesono , nomnikelo wempuphu , nomnikelo wokushiswa , neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa - Israyeli ukubuyisana.
Uyakwenze njalo ngolwesikhombisa lwenyanga ngaye wonke umuntu odukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana.
Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano , niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?
yena anikele ngakho phamb i kukaJehova , amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe . Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.
Uma amandla akhe enganeli imvu , khona uyakuthatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba , elinye libe ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono , umpristi amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke.
Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
Umpristi wonikela ngomnikelo wesono , amenzele oyakuhlanjululwa ukubuyisana n genxa yokungcola kwakhe , andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa,
umpristi anikele ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu e - altare, umpristi amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala , uzuliswe ukumenzela ukubuyisana , nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha , kube ngumnikelo wempuphu , nelogi lamafutha,
amafutha aseleyo asesandleni sompristi wowabeka ekhanda loyakuhlanjululwa ukumenzela ukubuyisana phambi kukaJehova.
yebo, njengalokho angaphumelela kukho , elinye libe ngumnikelo wesono , elinye libe ngumnikelo wokushiswa kanye nomnikelo wempuphu , umpristi amenzele ukubuyisana oyakuhlanjululwa phambi kukaJehova.
ayiyeke inyoni ezwayo , iphume emzini iye endle , ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; iyakuhlambuluka.
umpristi anikele ngawo , elinye libe ngumnikelo wesono , elinye libe ngumnikelo wokushiswa , umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.
Umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono , elinye libe ngumnikelo wokushiswa , umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kokungcola kwakhe.
Kepha impongo edliwe yinkatho ka -Azazeli iyakubekwa phambi kukaJehova isezwa ukuba kwenziwe ukubuyisana ngayo , ithunywe ku - Azazeli ehlane.
U-Aroni wonikela ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe , azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana , ahlabe inkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe.
enzele indawo engcwele ukubuyisana ngenxa yokungcola kwabantwana bakwa-Israyeli nangenxa yeziphambeko zabo ezonweni zabo zonke ; akenzele njalo netende lokuhlangana elihlezi nabo phakathi kokungcola kwabo.
Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana , nxa eng ena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume , azenzele ukubuyisana , yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.
Uyakuphuma, aye e -altare eliphambi kukaJehova , alenzele ukubuyisana , athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.
Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana ne-altare, uyakunikela ngempongo ezwayo;
Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi enda weni engcwele , agqoke izambatho zakhe , aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.
Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono , elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele , ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu , kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.
Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.
Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana , afake izambatho zelineni , izambatho ezingcwele,
enzele indlu engcwele ukubuyisana , enzele abapristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana.
Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa - Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.
U-Aroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe , azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana.
Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini ; ngimnike lona e -altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana , lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.
Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso.
Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.
Ningasebenzi msebenzi ngalolo suku , ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.
Makenze njalo ngenkunzi; njengalokho wenza ngenkunzi yomnikelo wesono, makenze njalo nangalena . Umpristi abenzele ukubuyisana , baze bathethelelwe.
Onke amanoni awo uyakuwashisa e -altare njengamanoni omhlatshelo weminikelo yokuthula , umpristi ayenzele ukubuyisana ngesono sayo , ize ithethelelwe.
Onke amanoni awo uyakuwasusa , njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminike lo yokuthula , umpristi awashise e -altare abe yiphunga elimnandi kuJehova , umpristi amenzele ukubuyisana , aze athethelelwe.
Onke amanoni awo uyakuwasusa , njengalokhu amanoni emvu esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula , umpristi awashise e -altare phezu kweminikelo yomlilo kaJehova , umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.
Uyakulungisa elesibili libe ngumnikelo wokushiswa njengokwesimiso , umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso, aze athethelelwe.
Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngesono sakhe one ngaso , nakuyiphi yalezi zinto, aze athethelelwe; okuseleyo kube ngokompristi njengomnikelo wempuphu. Umthetho weminikelo yecala
akhokhele lokho one ngakho entweni engcwele , athasisele kukho okwesihlanu, akunike umpristi , umpristi amenzele ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, aze athethelelwe.
Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala , umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.
uyakuletha umnik elo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso , insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.
Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.
umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.
Umnikelo wecala unjengomnikelo wesono ; umthetho wawo munye ; umpristi owenza ukubuyisana ngawo woba ngowakhe.
Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi , walibheca ezimpondweni ze -altare nxazonke ngomunwe wakhe , waliphothula i -altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.
UJehova uyalile ukuba kwenziwe njengalokho kwenziwe namuhla , ukuze nenzelwe ukubuyisana.
UMose wathi ku-Aroni: Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa , uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu , ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.
eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke , neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo , neyezinto ezingcwele , neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka -Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.
Umpristi uyakuyenzela yonke inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ukubuyisana, baze bathethelelwe , ngokuba kwakungengamabomu , futhi balethile umnikelo wabo , umnikelo womlilo k uJehova, nomnikelo wabo wesono phambi kukaJehova ngesiphosiso sabo;
Umpristi uyakwenzela umuntu ophosisayo ukubuyisana, nxa ona kungengamabomu phambi kukaJehova ukumenzela ukubuyisana , athethelelwe.
UMose wathi ku -Aroni: Thatha umcengezi wakho womlilo , ubeke kuwo umlilo wase -altare, ufake impepho ngaph ezulu, ukuyise masinyane kuyo inhlangano, uyenzele ukubuyisana, ngokuba kuphume intukuthelo kuJehova; isifo sesiqalile.
U-Aroni wayesekuthatha njengalokho ekhulumile uMose , wagijima phakathi kwebandla ; bheka, isifo sase siqalile phakathi kwabantu ; wabeka impepho, wabenzela abantu ukubuyisana.
siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe , wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.
nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana;
nempongo ibe nye ukunenzela ukubuyisana.
nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana,
Silethile umnikelo kaJehova , kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo , izinto zegolide , nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.
Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala , inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi , ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.
umpristi uyakunike la ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa , amenzele ukubuyisana , ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku.
AmaLevi ayakubeka izandla zawo ezinhloko zezinkunzi , wena unikele ngenye ibe ngumnikelo wesono , enye ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ukwenzela amaLevi ukubuyisana.
Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika -Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa -Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa - Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa -Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.
AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova ; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.