Skip to Content

"ukubuza"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:5

UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe , ngokuba iyagula ; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.

1 iziKronike 21:30

Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu , ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.

2 AmaKhosi 16:15

Inkosi u-Ahazi yamyala u -Uriya umpristi ngokuthi : Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni , nomnikelo wempuphu wakusihlwa , nomnikelo wokushiswa wenkosi , nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe , nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa , ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo ; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.

2 AmaKhosi 1:16

Wayesethi kuyo : Usho kanje uJehova , uthi: Lokhu uthume izithunywa ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase -Ekroni kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba kubuzwe ngezwi lakhe na ? Ngalokho awuyikwehlika embhedeni okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa.

2 AmaKhosi 1:6

Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.

2 AmaKhosi 22:18

Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: Usho kanje uJehova uNkulu nkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo,

2 iziKronike 1:5

Futhi i -altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka -Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele likaJehova ; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.

2 iziKronike 32:31

Kanjalo namaqondana nezithunywa zezikhulu zaseBabele ezathumela kuye ukubuza ngesibonakaliso esenziwa ezweni uNkulunkulu wamshiya ukumvivinya nje ukuba azi konke okusenhliziyweni yakhe.

2 iziKronike 34:26

Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho k uyo kanje, nithi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo,

U-Ezra 7:14

njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho,

U-Isaya 21:12

Umlindi wathi : Kuyeza ukusa , kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize. Isiprofetho nge-Arabiya

UHezekeli 20:3

Ndodana yomuntu , khuluma emalungeni akwa -Israyeli, uthi kuwo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nifike ukubuza kimi na ? Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.

UJeremiya 15:5

Ngokuba ngubani oyakukuhawukel a wena Jerusalema na? Ngubani oyakukukhalela? Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na?

UJeremiya 37:7

Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi , nithi: Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.

UJeremiya 38:14

USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi , wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova ; inkosi yathi kuJeremiya : Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.