Skip to Content

"ukuchitha"

29 occurrences in ZUL

1 iziKronike 14:15

Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo , uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.

2 AmaKhosi 8:19

Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

2 iziKronike 21:7

Kepha uJehova akathandanga ukuchitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano asenzayo noDavide, njengokusho kwakhe ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

2 uSamuweli 14:11

Wayesethi yena: Inkosi ake ikhumbule uJehova uNkulunkulu wayo ukuba umphindiseli wegazi angaqhubeki ukuchitha nokuba bangayibulali indodana yami. Yathi: Kuphila kukaJehova , akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwendodana yakho.

2 uSamuweli 20:19

Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?

2 uSamuweli 5:24

Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo , usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.

IsiLilo 2:8

UJehova wayecebile ukuchitha ugang e lwendodakazi yaseSiyoni; wawelula umucu wokulinganisa, akabuyisanga isandla sakhe ekuchitheni; wenza ukuba kukhale ugange nodonga, kudangale kanyekanye.

IzAga 1:16

ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.

IzAga 21:7

Ukuchitha kwababi kuyabaqothula, ngokuba benqaba ukwenza ukulunga.

IzAga 24:2

Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.

KwabaseRoma 3:15

izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi,

NgokukaMathewu 5:17

Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi ; angizanga ukuchitha , ngize ukugcwalisa.

U-Amose 5:9

owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla , nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.

U-Isaya 10:7

Nokho akusiwo umqondo walo , inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo , kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha nokunquma izizwe ezingeyingcosana.

U-Isaya 33:1

Wo kuwena ochithayo , kungachithwanga wena , nakuwe okhohlisayo , kungakhohliswanga wena ! Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa , nalapho usugcine ukukhohlisa, uyakukhohliswa nawe.

U-Isaya 51:13

Ukhohliwe uJehova uMenzi wakh o owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonk e ngokufutheka komcindezel i njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?

U-Isaya 59:7

Izinyawo zabo zigijimela ebubini , bashesha ukuchitha igazi elingenacala ; imicabango yabo iyimicabango yobubi ; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

UDaniyeli 11:44

Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho ; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.

UHezekeli 22:27

Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.

UHezekeli 22:6

Bheka, izikhulu zakwa -Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso , zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.

UHezekeli 22:9

Abantu abahlebayo babekuwe ukuchitha igazi , badla kuwe ezintabeni , benza ubufebe phakathi kwakho.

UHezekeli 25:15

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba amaFilisti enze impindiselo, ephindisele nokuphindisela ngamafundululu emphefumulweni ukuchitha ngobutha obungapheliyo,

UHoseya 13:14

Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo , ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho , kufa, kuphi ukuchitha kwakho , ndawo yabafileyo , na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.

UJeremiya 1:10

Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.

UJeremiya 36:29

NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi : Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe , yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?

UJeremiya 46:13

Izwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuza kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ukuchitha izwe laseGibithe.

UJeremiya 47:4

ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilist i nokunquma eTire naseSidoni bonke aba sizi abaseleyo , ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti, insali yesiqhingi saseKafitori.

UJobe 5:21

Uyakufihlwa enkalivasini yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.

UZakariya 12:9

Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.