Skip to Content

"ukufuna"

17 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:10

UHiramu wayesenika uSolomoni imisedari nemisayipuresi njengakho konke ukufuna kwakhe.

1 uSamuweli 23:15

UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukufuna ukuphila kwakhe ; uDavide wayesehlane laseZifi eHoreshi.

1 uSamuweli 26:20

Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwa -Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa , njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.

2 AmaKhosi 5:7

Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.

2 iziKronike 11:16

Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa -Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulun kulu wakwa -Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 iziKronike 30:19

bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu , uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.

2 iziKronike 34:3

Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqal a ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise ; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema , wasusa izindawo eziphakemeyo , nawo- Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

IzAga 2:4

uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo,

NgokukaJohane 11:8

Abafundi bathi kuye : Rabi, abaJuda basand ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?

NgokukaLuka 19:10

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo. Omina* abayishumi (Math. 25:14)

U-Amose 8:12

Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle , kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga , bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.

U-Ezra 7:10

ngokuba u-Ezra wayebhekise inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova , nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.

UGenesise 19:11

Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe , amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.

UJeremiya 2:33

Ulungisa kahle kanjan i indlela yakho ukufuna uthando ! Ngalokho nabesifazane ababi ubafundisile izindlela zakho.

UNehemiya 2:10

Kepha lapho umHoroni , uSanibalati, noThobiya inceku yakwa -Amoni sebezwile lokho , kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.

UZakariya 8:22

Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.

UmShumayeli 1:13

Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu ; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.