Skip to Content

"ukufundisa"

10 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 6:10

Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho ko nke okubi ; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi. Ukukhonza uNkulunkulu ngesiminya; ukufundisa izicebi nokuxwaya isifundiso samanga

2 kuThimothewu 3:16

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa , nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,

IzAga 13:14

Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila , ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

IzAga 22:17

Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.

IzAga 8:10

Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva , nokwazi kunegolide elikhethekileyo.

IzEnzo 5:42

abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.

NgokukaMarku 4:1

Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.

NgokukaMarku 6:2

Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni . Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?

UJobe 11:4

Ngokuba uthi: Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.

ULevitikusi 14:57

ukufundisa nxa kungcolile nanxa kuhlambulukile ; yilowo ongumthetho wochoko.