Skip to Content

"ukuhamba"

45 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:31

Kwathi lapho kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu , indodana kaNebati , wathatha u -Izebeli, indodakazi ka -Etibali inkosi yamaSidoni, abe ngumkakhe, waya wakhonza uBali, wakhuleka kuye.

1 kaJohane 1:4

Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele. Ukuhamba ekukhanyeni

1 kaJohane 2:6

lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena. Umyalo omusha

1 kaPetru 3:16

kodwa kube ngobumnene nang okwesaba, nibe nonembeza omuhle , ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.

1 kaPetru 3:7

Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi , njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakatha ka, nibanike udumo , lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa. Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni

1 kwabaseThesalonika 4:1

Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu , njengalokho nihamba kanjalo , manivame kakhulu kulokho.

1 uSamuweli 15:27

USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe , yaklebhuka.

1 uSamuweli 17:39

UDavide wabhinca inkemba yakhe phezu kwezambatho zakhe , wazama ukuhamba, ngokuba wayengakazilingi . UDavide wathi k uSawule: Anginakuhamba nalezi, angikazilingi. UDavide wayesezikhumula.

1 uSamuweli 30:31

nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.

2 AmaKhosi 10:31

Kodwa uJehu akagcinanga ukuhamba emthethweni kaJehova uNkulunk ulu ka-Israyeli ngayo yonke inhliziyo yakhe , kasukanga ezonweni zikaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli.

2 kuThimothewu 3:12

Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokume saba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.

2 uSamuweli 13:25

Inkosi yathi ku-Abisalomu: Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde. Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.

AbAhluleli 18:9

Bathi: Sukani, senyukele kubo , ngokuba silibonile izwe ; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe.

AmaHubo 139:3

Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami , wazana nezindlela zonke zami.

AmaHubo 143:8

Ngizwise umusa wakho ekuseni , ngokuba ngiyethemba kuwe ; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo , ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

AmaHubo 78:10

Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu , benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

AmaHubo 89:51

ezisola ngalo izitha zakho , Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.

IzAga 15:21

Ubuwula buyintokozo kongenangqondo , kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.

IzEnzo 13:25

Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi : Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina . Kodwa bhekani , uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.

IzEnzo 15:37

UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku.

IzEnzo 20:24

Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

IzEnzo 21:7

Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire , safika ePetolemayi , sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.

IzEnzo 27:9

Kwathi sekudlulile isikhathi eside , sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi , ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka,

KumaHeberu 13:18

Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle , sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.

Kwabase-Efesu 5:5

Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe , noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe , onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Ukuhamba ekukhanyeni

KwabaseRoma 13:10

Uthando alwenzi okubi kumakhelwane ; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Ukuhamba ekukhanyeni

KwabaseRoma 8:35

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na ? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

NgokukaJohane 4:6

Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

NgokukaJohane 7:1

Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala.

NgokukaLuka 20:46

Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni nasezindaweni ezingenhla ekudleni,

NgokukaMarku 12:38

Ekufundiseni kwakhe wathi : Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,

U-Eksodusi 13:16

Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe. Ukuhamba kwabakwa-Israyeli ukuya eLwandle Olubomvu

U-Isaya 42:24

Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe , no-Israyeli kubo abaphangi, na? Angithi nguJehova , esonile kuye , nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nabangawulalelanga umthetho wakhe?

U-Isaya 48:17

Usho kanje uJehova uMhlengi wakho , oNgcwele ka -Israyeli, uthi: NginguJehova uNkulunkulu wak ho okufundisile okukusizayo , okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

UDuteronomi 2:7

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho ; ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu ; nakule minyaka engamashumi amane uJehova uNkulunkulu wakho waba nawe , awuswelanga lutho.

UDuteronomi 4:34

UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangengebhe enkulu njengakho konke uJeho va uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?

UGenesise 12:9

Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu. Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe

UGenesise 23:1

Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.

UGenesise 48:15

Wambusisa uJosefa, wathi: UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,

UJeremiya 23:10

Ngokuba izwe ligcwele iziphingi ; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.

UJeremiya 4:18

Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu ; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.

UJobe 10:1

Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.

UNumeri 22:30

Kepha imbongolo yathi kuBileyamu : Angisiyo imbongolo yakho oyikhwele konke ukuhamba kwakho kuze kube manje na? Ngangivama ukwenza kanjalo kuwe na? Wathi: Qha.

URuthe 1:18

Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye.

UmShumayeli 6:8

Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula , nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?