Skip to Content

"ukumbona"

12 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 15:35

USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa , kepha uSamuweli wamkhalela uSawule ; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

1 uSamuweli 19:15

USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.

2 AmaKhosi 23:29

Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase- Asiriya ngasemfuleni u -Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.

2 AmaKhosi 5:21

UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe , wehlika enqoleni ukumhlangabeza , wathi: Nisahlezi kahle na?

2 AmaKhosi 8:29

Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama -Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu , inkosi yakwaJuda , wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

2 AmaKhosi 9:16

UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

2 iziKronike 22:6

Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yaman xeba ayemlimaze wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yase -Aramu. U-Azariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka - Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.

2 uSamuweli 13:6

Wayeselala phansi u-Amnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, u-Amnoni wathi enkosini : Ake kuze uTamari udadewethu , enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.

IsAmbulo 1:17

Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami , ethi: Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,

NgokukaLuka 19:3

Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani ; yahluleka ngenxa yesixuku , ngokuba yayimfushane.

NgokukaLuka 23:8

Kwathi uHerode embona uJesu , wathokoza kakhulu , ngokuba kwase kukade efuna ukumbona , lokhu ebezwile ngaye ; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye.

NgokukaLuka 9:9

Kepha uHerode wathi: UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje? Wafuna ukumbona.