Skip to Content

"ukumesaba"

25 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 4:8

Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana , kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke , kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

1 kuThimothewu 6:5

nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.

1 kuThimothewu 6:6

Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,

2 AmaKhosi 17:28

Wayesefika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBethele, wabafundisa ukumesaba uJehova.

2 kaPetru 1:6

nasekwazini ukuzithiba , nasekuzithibeni ukukhuthazela , nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu,

AmaHubo 111:10

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

AmaHubo 19:9

Ukumesaba uJehova kuhlanzekile , kumi kuze kube phakade ; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.

AmaHubo 34:11

Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

AmaHubo 36:1

Inkulumo yesiphamb eko komubi , isekujuleni kwenhliziyo yami , ithi: Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.

IzAga 10:27

Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku , kepha iminyaka yababi iyancishiswa.

IzAga 14:27

Ukumesaba uJehova kungumthombo wokuphila , ukuze kudedwe ezingibeni zokufa.

IzAga 15:33

Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha ; ukuthobeka kuyandulela udumo.

IzAga 19:23

Ukumesaba uJehova kungokokuphila ; onakho uhlezi anelisi we, akahanjelwa ngububi.

IzAga 1:7

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.

IzAga 2:5

khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.

IzAga 8:13

Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi ; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

U-Eksodusi 20:20

UMose wayesethi kubantu : Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.

U-Isaya 33:6

Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho , ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

UDuteronomi 14:23

ukudle phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha yena ukuba igama lakhe lihlale kuyo , okweshumi kwamabele akho , nokwewayini lakho, nokwamafutha akho, nokwamazibulo ezinkomo zakho , nokwawezimvu zakho , ukuba ufunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakho njalo.

UDuteronomi 17:19

iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu w akhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze,

UDuteronomi 31:13

nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe , bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

UGenesise 20:11

U-Abrahama wathi : Ngokuba bengithi : Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.

UGenesise 35:5

Base bemuka ; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

UJobe 4:6

Ukumesaba kwakho uNkulunkulu akusilo ithemba lakho yini , nokuphelela kwezindlela zakho akusiso isisekelo sakho na?

UJobe 6:14

Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe ; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.