Skip to Content

"ukuphuma"

31 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:17

UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

1 kwabaseKorinte 5:10

angisho izifebe zalo mhlaba , nokuba abahahayo nabaphangi , nokuba abakhonza izithombe, ngokuba phela ngabe nimelwe ukuphuma ezweni;

1 uSamuweli 23:13

Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha , baphuma eKeyila , bahamba lapho bebenokuhamba khona . Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma. UJonathani ukuDavide eZifi

1 uSamuweli 29:6

U-Akhishi wambiza uDavide , wathi kuye : Kuphila kukaJehova , wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami , ngokuba angifumananaga bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube namuhla ; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.

2 AmaKhosi 24:7

Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo , ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe , kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe. OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda

2 iziKronike 16:1

Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka -Asa, uBahasha, inkosi yakwa -Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda , wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku -Asa inkosi yakwaJuda.

2 iziKronike 26:20

U-Azariya, umpristi omkhulu , nabo bonke abapristi bambuka ; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.

2 uSamuweli 3:25

Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.

AmaHubo 121:8

UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakh o kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

AmaHubo 19:6

Ukuphuma kwalo kusemkhawulweni wezulu ; ukuzungeza kwalo kuya ekugcineni kwalo; akukho okufihlelwe ukushisa kwalo.

IzAga 25:8

Ungasheshi ukuphuma ukuyophikisan a ukuba ungazi ukuthi uyakwenze njani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho ekuhlazisile.

NgokukaMarku 6:54

Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane.

U-Eksodusi 11:10

OMose no -Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inh liziyo kaFaro , kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

U-Eksodusi 6:11

Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

U-Eksodusi 7:2

Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho ; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa -Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

UGenesise 27:30

Kwathi u -Isaka eseqede ukumbusisa uJakobe , uJakobe esand ukuphuma ebusweni buka -Isaka uyise , wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe.

UHoseya 6:3

Masimazi, sijonge ukumazi uJehova ; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula , njengemvula yamuva enethisa umhlaba.

UJeremiya 38:21

Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:

UJoshuwa 15:11

umkhawulo wawusuphuma , waya eceleni kwe -Ekroni ngasenyakatho ; umkhawulo wasuka waya eShikeroni , wadlula waya e ntabeni yaseBahala , waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.

UJoshuwa 15:4

wadlula waya e -Asimoni, waya emfuleni waseGibithe ; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle ; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.

UJoshuwa 15:7

umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase -Akori ngasenyakatho , ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase -Adumimi elingaseningizimu komfula ; umkhawulo wawusudlula , waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi ; ukuphuma kwawo kwakungasemthon jeni waseRogeli;

UJoshuwa 16:3

sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri ; ukuphuma kwaso kwakuselwandle.

UJoshuwa 16:8

Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga , wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo

UJoshuwa 17:9

Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula ; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase ; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;

UJoshuwa 18:12

Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani ; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho , wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.

UJoshuwa 18:14

Umkhawulo wasuka , wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi , umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.

UJoshuwa 18:19

umkhawulo wadlula , waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho , ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.

UJoshuwa 19:14

umkhawulo wawusujika ngasenyakath o kwalo , waya eHanathoni ; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli;

UJoshuwa 19:22

umkhawulo wafinyelela eThabori , naseShahasuma, naseBeti Shemeshi ; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani , imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.

UJoshuwa 19:29

umkhawulo wajika waya eRama , nasemzini obiyelweyo waseTire ; umkhawulo wajika waya eHosa ; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;

UJoshuwa 19:33

Umkhawulo wabo wasuka eHelefi , kulo i-oki laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi ; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani;