Skip to Content

"ukuphumula"

26 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 5:4

Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke ; kakho omelana nami, akukho ngozi.

1 AmaKhosi 8:56

Makabongwe uJehova onike abantu bakhe u -Israyeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo ; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.

1 iziKronike 22:18

UJehova uNkulunkulu wenu akanani na ? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na ? Ngokuba unikele esandleni sami aba khileyo ezweni ; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.

1 iziKronike 22:9

bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula ; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke , ngokuba igama lakhe liyakuba nguSo lomoni; ukuthula nokuzola ngi yakumnika khona u -Israyeli emihleni yakhe;

1 iziKronike 23:25

Ngokuba uDavide wathi : UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade;

2 iziKronike 20:30

Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.

2 kwabaseThesalonika 1:7

aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,

AmaHubo 127:2

Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni , nephuze ukuphumula , nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

IsiLilo 1:3

UJuda uthunjiwe ngenxa yokuhlupheka nobugqila obuningi; uhlala phakathi kwabezizwe, katholi ukuphumula; bonke abamzingelayo bamf ica ephakathi kobuhlungu.

IsiLilo 2:18

Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini ; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni , izinyembezi mazehl e njengemifula imini nobusuku . Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.

KumaHeberu 4:9

Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.

NgokukaLuka 11:24

Nxa umoya ongcolileyo ephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula ; engakufumani uthi : Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo.

NgokukaMathewu 12:43

Nxa umoya ongcolileyo esephumi le kumuntu , uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani.

U-Esteri 9:22

njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulilen i kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.

U-Isaya 23:12

Wathi: Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.

U-Isaya 62:7

futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni.

UDuteronomi 3:20

uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani , nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani , andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.

UGenesise 8:9

Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo , labuyela kuye emkhunjini , ngokuba a manzi ayesesebusweni bomhlaba wonke ; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini.

UJeremiya 31:2

Usho kanje uJehova , uthi: Abantu abasele enkembeni bafumana umusa ehlane, lapho u-Israyeli eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe.

UJeremiya 6:16

Usho kanje uJehova , uthi: Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle , nihambe ngayo , niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: Asiyikuhamba ngayo.

UJobe 17:16

Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo , lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.

UJoshuwa 21:44

UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

UJoshuwa 22:4

Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo ; ngalokho buyani , niye e matendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

UMika 2:10

Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu ; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

URuthe 1:9

UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe. Wayesebanga, badazuluka, bakhala.

URuthe 3:1

UNawomi uninazala wathi kuye : Ndodakazi yami , angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?