Skip to Content

"ukuphuza"

6 occurrences in ZUL

IzAga 31:4

Akusikho okwamakhosi , Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,

U-Esteri 1:8

Ukuphuza kwaya ngomthetho wokuba kungacindezelwa muntu , ngokuba inkosi yayiyalile zonke izinduna zendlu yayo ukuba zenze njengokuthanda kwabantu abanye ngabanye.

UGenesise 30:38

Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza ; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.

UHoseya 4:18

Ukuphuza kwabo sekuphelile ; bayafeba nokufeba ; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.

UJeremiya 49:12

Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza.

UNumeri 20:8

Thabatha intonga , ubuthe inhlangano , wena no -Aroni umfowenu , nikhulume kulo idwala eliphambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo ; uyakubavezela amanzi edwaleni , ukuze unike inh langano nezinkomo zayo ukuphuza.