Skip to Content

"ukushisekela"

13 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 10:16

Wayesethi: Hamba nami , ubone ukushisekela kwami uJehova . Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 19:31

Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insal i nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho.

2 kwabaseKorinte 9:2

ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i -Akhaya lase lizilungisele kwany akenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo.

AmaHubo 119:139

Ukushisekela kwami kungidlile , ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.

AmaHubo 69:9

Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile ; izithuko zabakuthukayo zingehlele.

AmaHubo 79:5

Koze kube nini , Jehova, uthukuthele njalo , ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?

NgokukaJohane 2:17

Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi : Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.

U-Isaya 26:11

Jehova, isandla sakho siphakeme , kepha kababoni ; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.

U-Isaya 37:32

Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insal i nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.

U-Isaya 42:13

UJehova uyaphuma njengeqhawe ; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.

U-Isaya 59:17

Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha , wazembesa ukushisekela njengengubo.

U-Isaya 63:15

Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho : kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na ? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

U-Isaya 9:7

Umbuso uyakuba mkhulu , ukuthula kungabi nakuphel a esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe , ukuze u qiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga , kusukela manje kuze kube phakade . Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu. Intukuthelo kaNkulunkulu ngaku-Israyeli