Skip to Content

"ukwahlukana"

15 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 11:18

Ngokuba okokuqala , nxa nibuthana ebandleni , ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.

1 kwabaseKorinte 12:25

ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni , kepha izitho zonke zinakekelane ngokufanayo.

1 kwabaseKorinte 1:10

Kepha ngiyanincenga , bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.

2 kwabaseKorinte 5:8

simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni , sihlale ekhaya eliseNkosini.

AbAhluleli 21:15

Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.

EkaJuda 1:19

Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.

IzEnzo 15:35

Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e -Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi. Ukwahlukana kukaPawulu noBarnaba

KwabaseRoma 16:16

Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu. UPawulu uxwayisa ngababanga ukwahlukana

KwabaseRoma 16:17

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina , nahlukane nabo;

NgokukaJohane 10:19

Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi.

NgokukaJohane 7:43

Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.

NgokukaJohane 9:16

Ngakho abanye kubaFarisi bathi : Lona kaveli kuNkulunkulu , lokhu engagcini isabatha . Abanye bathi : Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na? Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

NgokukaLuka 12:51

Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na ? Ngithi kini : Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.

NgokukaMathewu 19:8

Wathi kubo : Ngenxa yobulukhuni benhliziyo ye nu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.

UMalaki 2:16

Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana, usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho , usho uJehova Sebawoti . Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.