Skip to Content

"ukwenzela"

9 occurrences in ZUL

KwabaseRoma 15:26

Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase -Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile.

NgokukaLuka 1:72

ukwenzela okhokho bethu is ihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,

UGenesise 24:27

yathi: Makabongwe uJehova , uNkulunkulu wenkosi yami u -Abrahama, ongayekile ukwenzela inkosi yami umusa neqiniso ; uJehova ungiholile mina endleleni kuze kube sendlini yabafowabo benkosi yami.

UHezekeli 45:17

Kuyakuba phezu kwesikhulu ukuni kela ngeminikelo yokushiswa , nangeminikelo yempuphu , nangeminikelo yokuphuzwa emikhosini , nasekwethwaseni kwenyanga, nangamasabatha emikhosini yonke emisiweyo yendlu yakwa -Israyeli, silungise umnikelo wesono , nomnikelo wempuphu , nomnikelo wokushiswa , neminikelo yokuthula ukwenzela indlu yakwa - Israyeli ukubuyisana.

ULevitikusi 16:20

Eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, netende lokuhlangana ne-altare, uyakunikela ngempongo ezwayo;

ULevitikusi 16:34

Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa - Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.

ULevitikusi 17:11

Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini ; ngimnike lona e -altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana , lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

UNumeri 8:12

AmaLevi ayakubeka izandla zawo ezinhloko zezinkunzi , wena unikele ngenye ibe ngumnikelo wesono , enye ibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ukwenzela amaLevi ukubuyisana.

UZakariya 8:15

kanjalo ngibuye ngahlosa kulezi zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi.