Skip to Content

"ukwesaba"

24 occurrences in ZUL

1 kaJohane 4:18

Akukho ukwesaba othandweni , kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso , nowesabayo akaphelele othandweni.

2 kwabaseKorinte 5:11

Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi , siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.

2 kwabaseKorinte 7:5

Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayib anga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke ; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.

AmaHubo 105:38

IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.

IzAga 1:29

ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova,

IzAga 29:25

Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.

IzEnzo 19:17

Lokho kwez wakala kubo bonke abakhileyo e -Efesu, abaJuda namaGreki , ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu;

IzEnzo 5:11

Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho. Izimangaliso zabaphostoli

IzEnzo 5:5

Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.

KwabaseRoma 13:7

Nikani bonke okubafaneleyo : intela kofanele intela , inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo. Ukuthanda abazalwane

KwabaseRoma 3:18

Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.

NgokukaLuka 5:26

Ukumangala kwabehlela bonke , bamdumisa uNkulunkulu , bagcwala ukwesaba, bathi: Sibonile izimanga namuhla.

U-Eksodusi 20:17

Ungafisi indlu yomakhelwane wakho ; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe , nencekukazi yakhe , nenkabi yakhe , nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho. Ukwesaba kwabantu

U-Isaya 24:17

Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwakh o wena owakhileyo emhlabeni.

UGenesise 31:42

Uma ebengenami uNkulunkulu kababa , uNkulunkulu ka -Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze . UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami , wakusola ubusuku obudlule.

UGenesise 31:53

UNkulunkulu ka -Abrahama noNkulunkulu kaNahori , uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu . UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.

UHezekeli 30:13

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakuzichitha izithombe , ngiqede onkulunkulu eNofi ; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe , ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.

UJeremiya 15:8

Abafelokazi babo bandile kim i kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.

UJeremiya 48:43

Ukwesaba, nomgodi, nogibe kuphezu kwabakhileyo kwaMowabi , usho uJehova.

UJeremiya 48:44

Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini , okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni , ngokuba ngiyakw ehlisela phezu kwabo , phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo, usho uJehova.

UJobe 15:4

Yebo, uyachitha ukwesaba, unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.

UJobe 21:6

Lapho ngikhumbula nje , ngishaywa luvalo ; ukwesaba kubamba inyama yami.

UJobe 28:28

Wathi kubantu : Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha ; ukusuka ebubini kungukuqonda.

UMika 6:9

Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi . Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.