Skip to Content

"ulimi"

50 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:10

Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

AmaHubo 114:1

Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,

AmaHubo 119:172

Ulimi lwami malukhulume izwi lakho , ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile.

AmaHubo 12:3

UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo , ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,

AmaHubo 137:6

Ulimi lwami malunamathele olwangeni lwami, uma ngingakukhumbuli, uma ngingaphakamisi iJerusalema phezu kwentokozo yami enkulu.

AmaHubo 140:3

Bayalola ulimi lwabo njengenyoka ; isihlungu samabululu siphansi kwezindebe zabo. Sela

AmaHubo 22:15

Amandla ami omile njengodengezi ; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.

AmaHubo 34:13

Londa ulimi lwakho kokubi , nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso.

AmaHubo 35:28

Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho , usuku lonke ngodumo lwakho.

AmaHubo 37:30

Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.

AmaHubo 45:1

Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.

AmaHubo 50:19

Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso.

AmaHubo 51:14

Ngikhulule ecaleni legaz i, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami . Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.

AmaHubo 52:2

Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo , wena owenza amacebo.

AmaHubo 55:9

Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo , ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.

AmaHubo 64:3

abalola ulimi lwabo njengenkemba , bakhombe imicibisholo yabo engamazwi ababayo

AmaHubo 68:23

ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini , ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.

AmaHubo 71:24

Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga ; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.

AmaHubo 73:9

Umlomo wabo bawup hakamisela ezulwini ; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

AmaHubo 81:5

Kungubufakazi abumisayo kwaJosefa mhla ephuma ezweni laseGibithe . Ngizwa ulimi ebengingalwazi luthi:

EkaJakobe 1:26

Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa , engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.

EkaJakobe 3:6

nolimi lungumlilo , ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke , luthungela ukuphila konke , luthungelwa yisihogo.

EkaJakobe 3:8

kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa ; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.

IsiLilo 4:4

Ulimi loncelayo lunamathel a olwangeni lwakhe ngokoma . Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.

IzAga 10:20

Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; ingqondo yababi iyinto encane.

IzAga 10:31

Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha , kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.

IzAga 12:19

Indebe yeqiniso iyakuma kuze kube phakade , kepha ulimi lwamanga lungolomzuzwana nje.

IzAga 15:2

Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi , kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.

IzAga 15:4

Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila , kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.

IzAga 26:28

Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo , nomlomo othophayo usebenza incithakalo.

NgokukaLuka 16:24

Samemeza sathi : Baba Abrahama , ngihawukele, uthume uLazaru , agcobhoze isihloko somunwe wakhe ema nzini, aphozise ulimi lwami , ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.

NgokukaMarku 7:33

Wagudluka naso esixukwini bebodwa , wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,

U-Isaya 19:18

Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani , ifunge uJehova Sebawoti ; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.

U-Isaya 50:4

INkosi uJehova inginikile ulimi l wabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.

U-Isaya 54:17

Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa ; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehov a nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.

UDuteronomi 28:49

UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,

UGenesise 11:7

Wozani sehle , siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani , kube yilowo nalowo ulimi lomunye.

UGenesise 11:9

Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele, ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke. Inzalo kaShemi

UHezekeli 3:26

Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

UJeremiya 5:15

Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwen u isizwe esivela kud e nina ndlu ka - Israyeli, usho uJehova; yisizwe esinamandla, yisizwe esidala, yisizwe ongazi ulimi lwaso, nongezwa lokhu abakukhulumayo.

UJeremiya 9:8

Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo , lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo , kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

UJobe 12:20

Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.

UJobe 15:5

Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho ; ukhetha ulimi lwabanobuqili.

UJobe 20:16

Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.

UJobe 31:30

kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

UJobe 33:2

Bheka-ke, sengivula umlomo wami ; ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.

UJobe 41:1

Ungakhipha uLeviyathani ngodobo , ucindezele phansi ulimi lwakhe ngentambo, na?

UJoshuwa 10:21

bonke abantu babuyela ekamu kuJoshuwa eMakheda ngokuthula , akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.

UZakariya 14:12

Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema : inyama yab o iyakudleka besemi ngezinyawo zabo , namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo , ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

UZefaniya 3:13

Insali yakwa -Israyeli ayisayikwenza okubi , ingakhulumi amanga , kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.