Skip to Content

"umhlambi"

28 occurrences in ZUL

1 kaPetru 5:2

Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu , kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu , kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,

1 kwabaseKorinte 9:7

Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na ? Ngubani otshala isivini , angazidli izithelo zaso , na? Ngubani owalusa umhlambi , angadli ubisi lomhlambi, na?

AmaHubo 68:30

Zikhuze izilwane zasemhlangeni, umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu, azithobise phansi ngezinqamu zesiliva ; uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:7

Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wam i ukuthi w aluselaphi, uphumuzaphi umhlambi emini , ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo ngasemihlambini yabangane bakho na? Abangane:

IzEnzo 20:29

Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,

NgokukaLuka 2:8

Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle , belinda umhlambi wabo ebusuku.

NgokukaLuka 8:32

Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni ; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.

NgokukaLuka 8:33

Aphuma-ke amademoni kuye umuntu , angena ezingu lubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.

NgokukaMarku 5:11

Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.

NgokukaMarku 5:13

Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma , bangena ezingulubeni ; umhlambi wagulukudela eweni , waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

NgokukaMathewu 8:30

Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.

NgokukaMathewu 8:32

Wathi kuwo : Hambani. Ayesephuma, angena ezingulubeni ; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni , waphonseka elwandle , wafela emanzini.

U-Amose 7:15

Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi ; uJehova wathi kimi : Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.

U-Isaya 40:11

Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane. Ngubani onjengoNkulunkulu na?

UGenesise 30:31

Wathi: Ngiyakukuphani na ? Wathi uJakobe: Awuyikunginika lutho ; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.

UGenesise 30:42

Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka , akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe.

UGenesise 31:10

Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami , ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala.

UGenesise 31:12

Yayisithi: Awuphakamise amehlo akho , ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

UGenesise 31:8

Uma ebesho ukuthi : Ezimanakanaka ziyakuba ngumvuzo wakho , umhlambi wonke wazala ezimanakanaka ; uma ebesho ukuthi : Ezinemishwe ziyakuba ngumvuzo wakho, umhlambi wonke wazala ezinemishwe.

UGenesise 33:13

Wathi kuye: Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane ; uma bezish ishinga usuku olulodwa , umhlambi wonke uyakufa.

UGenesise 37:12

Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi.

UGenesise 37:13

U-Israyeli wathi kuJosefa : Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na ? Woza, ngiyakukuthuma kubo. Wathi kuye: Ngilapha.

UGenesise 37:2

Lokhu kuyindaba kaJakobe . UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

UHezekeli 34:12

Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami , ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.

UHoseya 12:12

UJakobe wabalekela ezweni lase -Aramu, u-Israyeli wakhonzela umfazi , walusa umhlambi ngenxa yomfazi.

UJeremiya 13:17

Kepha uma ningalaleli , umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala , limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

UJeremiya 13:20

Phakamisani amehlo enu , nibone abavela enyakatho ; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?

UZakariya 10:3

Intukuthelo yami ivuthele abelusi ; ngiyakujezisa izimpongo , ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.