Skip to Content

"umhlobo"

7 occurrences in ZUL

EkaJakobe 2:23

kwagcwaliseka umbhalo othi : Kepha u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga , wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 11:11

Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo : ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.

NgokukaJohane 19:12

Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula . Kepha abaJuda bamemeza bathi: Uma ukhulula lona , awusiye umhlobo kaKesari ; osuka ezenza inkosi , umelene noKesari.

NgokukaJohane 3:29

Onomlobokazi ungumyeni , kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele.

NgokukaLuka 11:6

ngokuba kufike kimi umhlobo wami evela ekuhambeni , kepha anginanto engingayibeka phambi kwakhe;

NgokukaLuka 7:34

Ifikile iNdodana yomuntu , idla, iphuza, senithi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.

NgokukaMathewu 11:19

INdodana yomuntu yafika idla , iphuza; bathi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni. Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho. Ukusolwa kwemizi engaphendukanga (Luk. 10:13)