Skip to Content

"umkushe"

11 occurrences in ZUL

2 iziKronike 14:9

Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha.

2 uSamuweli 18:21

Wayesethi uJowabe kumKushe : Hamba, uyitshele inkosi okubonileyo . UmKushe wamkhothamela uJowabe, wagijima.

2 uSamuweli 18:22

U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?

2 uSamuweli 18:23

Wathi: Noma kanjani, ake ngigijime. Wathi kuye: Gijima. Wayesegijima u- Ahimahasi ngendlela yasethafeni, wamdlula umKushe.

2 uSamuweli 18:31

Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.

2 uSamuweli 18:32

Inkosi yathi kumKushe : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na? UmKushe wathi: Izitha zenkosi yami , inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.

UJeremiya 13:23

UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe , nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.

UJeremiya 38:10

Inkosi yayisimyala u -Ebedi Meleki umKushe , ithi: Thatha lapha abantu abangamashumi amathathu, uhambe nabo, umkhiphe uJeremiya umprofethi emgodini, engakafi.

UJeremiya 38:12

U-Ebedi Meleki umKushe wathi kuJeremiya : Faka lawa madlephudlephu amadala namanikiniki abolileyo emakhwapheni phansi kwezintambo . UJeremiya wenze njalo.

UJeremiya 38:7

U-Ebedi Meleki umKushe , umthenwa, owayesendlini yenkosi , esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini , inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,

UJeremiya 39:16

Hamba ukhulume ku -Ebedi Meleki umKushe , uthi: U sho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela amazwi ami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, abe ngaphambi kwakho ngalolo suku.