Skip to Content

"umlomo"

134 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:31

Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko ; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe , uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziwe yo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.

1 uSamuweli 1:12

Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi ku kaJehova, u-Eli waqaphela umlomo wakhe.

1 uSamuweli 2:1

UHana wakhuleka wathi : Inhliziyo yami iyethaba kuJehova , uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami ukhamisile phezu kwezitha zami, ngokuba ngenama ngensindiso yakho.

2 AmaKhosi 4:34

Wakhuphuka, walala phezu komntwana , wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe , nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe ; lapho esekhothama phezu kwakhe , inyama yomntwana yafudumala.

2 kaJohane 1:12

Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini , ngikhulume nani umlomo nomlomo , ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.

2 kwabaseKorinte 6:11

Umlomo wethu uvulekele ngakini nina baseKori nte, inhliziyo yethu yanulekile;

2 uSamuweli 1:16

UDavide wathi kuye: Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho , ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe , lapho uthi : Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova. Isililo sikaDavide ngoSawule noJonathani

3 kaJohane 1:14

kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.

AbAhluleli 11:35

Kwathi lapho eyibona , waklebhula izingubo zakhe , wathi: Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu , ungomunye wabangihluphayo , ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.

AbAhluleli 11:36

Wathi kuye : Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova ; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni.

AbAhluleli 9:38

UZebule wayesethi kuye: Uphi manje umlomo wakho ukuba uthi : Ngubani u-Abimeleki ukuba simkhonze na ? Akusibo labo bantu obadeleleyo na? Ake uphume manje, ulwe nabo.

AmaHubo 107:42

Olungileyo uyakukubona, ajabule; ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.

AmaHubo 109:2

Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi ; bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.

AmaHubo 10:7

Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlo va; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.

AmaHubo 115:5

Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kepha aziboni.

AmaHubo 119:131

Ngivula umlomo wami , ngikhefuzela, ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.

AmaHubo 119:171

Umlomo wami mawuchichime indumiso , ngokuba uyangifundisa izimiso zakho.

AmaHubo 126:2

Umlomo wethu wawusugcwala ukuhlek a nolimi lwethu ukuhuba ; bathi phakathi kwabezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.

AmaHubo 135:16

Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kodwa aziboni.

AmaHubo 141:3

Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.

AmaHubo 145:21

Umlomo wami uy akukhuluma udumo lukaJehova, inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

AmaHubo 17:3

Uyalinga inhliziyo yami; ungihambele ebusuku, uyangihlolisisa, awufumani lutho; ngiyahlosa ukuba umlomo wami ungaphambuki.

AmaHubo 22:13

Zingikhamisele umlomo wazo njengengonyama edwengulayo nebhodlayo.

AmaHubo 35:21

Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo , bathi: Ashila, ashila, iso lethu liyabona!

AmaHubo 37:30

Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.

AmaHubo 38:13

Mina kodwa nginjengesithulu , angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso.

AmaHubo 39:1

Ngithe: Ngizakulinda izindlela zam i ukuba ngingoni ngolimi lwami ; ngizakugcina umlomo wami ngesifonyo , omubi esekhona pham bi kwamehlo ami.

AmaHubo 39:9

Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.

AmaHubo 49:13

Le ndlela yabo ingubuwula babo , balandelwa ngabavumela umlomo wabo . Sela

AmaHubo 49:3

Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba ngokokuqonda.

AmaHubo 50:19

Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso.

AmaHubo 51:15

Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.

AmaHubo 55:21

Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa , kepha inhliziyo yakhe iyimpi ; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.

AmaHubo 63:11

Kepha inkosi iyakuthokoza ngoNkulunkulu ; bonke abafunga yena bayakuzibonga; ngokuba umlomo wabakhuluma amanga uyakuvalwa.

AmaHubo 63:5

Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha ; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo,

AmaHubo 71:15

Umlomo wa mi uyakulanda ukulunga kwakho , nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.

AmaHubo 71:8

Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena , nalo udumo lwak ho usuku lonke.

AmaHubo 73:9

Umlomo wabo bawup hakamisela ezulwini ; ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

AmaHubo 78:2

Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso , ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.

AmaHubo 81:10

Mina nginguJehova uNku lunkulu wakh o owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.

EkaJuda 1:16

Yilabo abakhononayo nabasolayo , behamba ngezinkanuko zabo , umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo. UJuda ululeka ukuba baqine ekukholweni

IsAmbulo 12:16

Umhlaba wamsiza owesifazane , umhlaba wakhamisa umlomo waw o, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe.

IsAmbulo 13:5

Sase sinikwa umlomo wokukhuluma izinto ezinkulu nenhlamba , sanikwa amandla okwenza lokho izinyanga ezingamashumi amane nambili.

IsAmbulo 13:6

Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu , ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabo abahlezi ezulwini.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:3

Izindebe zakho zinjengomucu obomvu , umlomo wakho muhle ; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati emva kwemvakazi yakho.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:16

Umlomo wakhe umnandi , uyanxaneleka wonke ; yilowo ongothandiweyo wami, yilowo ongumngane wami, nina madodakazi aseJerusalema.

IsiLilo 2:16

Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo , zincimfa, zigedla amazinyo , zithi: Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.

IsiLilo 3:29

Makabeke umlomo wakhe othulini; mhlawumbe kungaba khona ithemba.

IzAga 10:11

Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila , kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.

IzAga 10:14

Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi , kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.

IzAga 10:19

Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.

IzAga 10:31

Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha , kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.

IzAga 10:32

Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle , kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

IzAga 10:6

Izibusiso zisekha nda lolungileyo , kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.

IzAga 12:6

Amazwi ababi aqamekela igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabophula.

IzAga 13:3

Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe ; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo.

IzAga 15:14

Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi , kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.

IzAga 15:2

Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi , kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.

IzAga 16:10

Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi ; umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.

IzAga 16:23

Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe , yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.

IzAga 16:26

Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.

IzAga 17:28

Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi ; ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.

IzAga 17:7

Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula ; kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu.

IzAga 18:7

Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso , nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.

IzAga 19:28

Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.

IzAga 20:17

Isinkwa samanga simnandi kumuntu , kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.

IzAga 20:19

Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo ; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.

IzAga 21:23

Ogcina umlomo wakhe nolimi lwakh e ulonda umphefumulo wakhe ezinsizini.

IzAga 22:14

Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo ; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.

IzAga 24:7

Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.

IzAga 30:20

Inje indlela yowesif azane ophingayo : uyadla, abesesula umlomo wakhe , athi: Angenzanga isono.

IzAga 31:26

Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.

IzAga 31:8

Sivulele isimungulu umlomo wakho , umele bonke abantwana abayizintandane.

IzAga 31:9

Vula umlomo wakho , wahlulele ngokulung a, umele abahluphekayo nabampofu. Ukudunyiswa kowesifazane okhutheleyo

IzAga 5:3

Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.

IzAga 8:7

Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso ; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.

IzEnzo 10:34

Khona uPetru wavula umlomo , wathi: Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

IzEnzo 18:14

Khona uPawulu esezakuvula umlomo , uGaliyu wathi kubaJuda : O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi , bekufanele nginibekezelele;

IzEnzo 23:2

Kepha umpristi omkhulu u -Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo.

IzEnzo 8:32

Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi : Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu ; njengewundlu elithule phambi komgundi wal o kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.

IzEnzo 8:35

UFiliphu wavula umlomo wakhe , eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

Kwabase-Efesu 6:19

ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi , nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;

KwabaseRoma 3:14

umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba;

NgokukaLuka 1:64

Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe , wakhuluma embonga uNkulunkulu.

NgokukaLuka 21:15

ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.

NgokukaLuka 6:45

Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo , nomubi uveza okubi emfuyweni embi ; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

NgokukaMathewu 12:34

Nzalo yezinyoka , ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na ? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

NgokukaMathewu 13:35

ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi : Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso , ngiphimisele okufihlakeleyo , selokhu kwasekelwa umhlaba.

NgokukaMathewu 17:27

Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala ; wothi ukuba uyivule umlomo , uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.

NgokukaMathewu 5:2

Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi:

U-Eksodusi 4:10

UMose wayesethi kuJehova : Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho , ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.

U-Eksodusi 4:11

UJehova wayesethi kuye : Ngubani owenzile umlomo womuntu na ? Ngubani owenza isimungulu , nesithulu, nobonayo, nempumputhe na ? Akusimina, uJehova, na?

U-Isaya 1:20

kepha uma nala , nihlubuka, niyakudliwa yinkemba , ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.

U-Isaya 40:5

Inkazimulo kaJehova iyakubonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.

U-Isaya 49:2

Wawenza umlomo wami njengenkemba ebukhali , wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo ophucuziweyo , wangithukusa esambweni sakhe.

U-Isaya 53:7

Yacindezelwa, kepha noma yathotshiswa , ayivulanga umlomo wayo ; njengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni , nanjengemvu ethule phambi kwabagundi bayo, ayiwuvulanga umlomo wayo.

U-Isaya 57:4

Nidlala nobani , nikhamisela bani umlomo , ninyalizela bani , na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,

U-Isaya 58:14

khona uyakuzijabulisa kuJehov a, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo , ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.

U-Isaya 5:14

Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo , yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo; kwehlela kuyo amakhosi abo , nesixuku sabo esixokozelayo, kanye nabajabulayo phakathi kwabo.

U-Isaya 6:7

lathinta umlomo wami, lathi: Bheka, lokhu kuthintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho zihlanguliwe.

UDaniyeli 10:16

Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami ; ngase ngiwuvula umlomo wami , ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami : Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

UDuteronomi 11:6

nowakwenzayo kuDathani naku -Abiramu amadodana ka -Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya nabendlu yabo , namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.

UGenesise 45:12

Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina.

UGenesise 4:11

Usuqalekisiwe emhlabathini ovulile umlomo wawo ukwamukela igazi lomfowenu esandleni sakho.

UHezekeli 16:63

ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho , lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo , isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 21:22

Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni , kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.

UHezekeli 24:27

Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu ; uyakuba yisibonakaliso kubo , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 29:21

Ngalolo suku ngiya kuhlumisa uphondo endlini ka -Israyeli, ngikuvumele ukuba uvule umlomo phakathi kwabo, bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 33:22

Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa , engakafiki ophunyukileyo, kepha wavula umlomo wami engakafiki kimi e kuseni; wavulwa umlomo wami, angabe ngisaba yisimungulu.

UHezekeli 3:2

Ngavula umlomo wami, wangidlisa umqulu.

UHezekeli 3:27

Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova . Ozwayo makezwe , onganakiyo kayeke , ngokuba bayindlu ehlubukayo.

UJeremiya 1:9

UJehova wayeselula isandla sakhe , wawuthinta umlomo wami ; uJehova wathi kimi: Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

UJeremiya 32:4

uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi , kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,

UJeremiya 34:3

Awuyikuphunyuka esandleni sayo ; uyakubanjwa nokubanjwa , unikelwe esandleni sayo ; amehlo akho ayakubheka amehlo enkosi yaseB abele, ikhulume nawe umlomo nomlomo; uyakuya eBabele.

UJeremiya 9:12

Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu , okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?

UJobe 15:5

Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho ; ukhetha ulimi lwabanobuqili.

UJobe 23:4

ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.

UJobe 33:2

Bheka-ke, sengivula umlomo wami ; ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.

UJobe 35:16

uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.

UJobe 3:1

Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.

UJobe 5:16

Ompofu usenethemba; ububi buvala umlomo wabo.

UJobe 7:11

Ngalokho nami angiyikubamb a umlomo wami ; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.

UJobe 8:21

aze agcwalise umlomo wakho ngokuhleka , nezindebe zakho ngokumemeza.

UJobe 9:20

Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla ; noma ngingenacala , uyakuthi ngonakele.

UJoshuwa 10:22

Wayesethi uJoshuwa : Vulani umlomo womhume , nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni.

UJoshuwa 9:14

Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.

UMika 4:4

Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakh e naphansi komkhiwane wakhe ; akakho oyakubesabisa , ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

UNumeri 12:8

ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala , kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona ; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?

UNumeri 16:30

Kepha uma uJehova edala into entsha , umhlaba uvule umlomo wawo , ubagwinye kanye nakho konke okwabo , bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.

UNumeri 16:32

umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya nezindlu zabo , nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.

UNumeri 22:28

UJehova wavula umlomo wembongolo , yathi kuBileyamu: Ngenzeni kuwe ukuba ungishaye kathathu na?

UNumeri 26:10

umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo , lapho umlilo waqeda ama doda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.

UmShumayeli 5:6

Ungavumeli umlomo wakho uku ba wonise inyama yakho , futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha ; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho , achithe umsebenzi wezandla zakho , na?

UmShumayeli 6:7

Wonke umshikashika womuntu wenze lwa umlomo wakhe , nokho iphango alaneliswa.