"umsindo"
30 occurrences in ZUL
uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi ; sebenyukile khona bejabula , ngangokuba kwakhamuluka umu zi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo , uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.
Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: Susa isandla sakho.
Lapho u -Eli ezwa umsindo wokukhala , wathi: Uthini umsindo walokhu kumemeza na? Lowo muntu washesha waya wamtshela u-Eli.
AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu lamaHeberu na ? Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.
INkosi ibiyizwisile impi yama -Aramu umsindo wezinqola , nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.
Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo , usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.
Khona uPawulu wawathatha lawo madoda , ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo , wangena ethempelini , wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke. AbaJuda bavusa umsindo; uPawulu uyaboshwa
Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu , bathi: Asifumani lutho olubi kulo muntu ; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?
Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho, angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.
UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: Kukhona umsindo wempi ekamu.
Wathi: Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba , akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.
ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lok ukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu , ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.
Umsindo wesixuku ezintaben i kungathi ngowabantu aban ingi! Umsindo wokuxokozela kwemibuso yabezizwe ihlangene! UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.
Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo , umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.
Kuyakuthi obalekela umsindo wokwesab a awele emg odini; okhuphuka emgodini uyakubanjwa lugibe , ngokuba amafasitele aphezulu avuliwe , nezisekelo zomhlaba ziyazamazama.
nanjengokushisa endaweni eyomileyo . Uyathobisa umsindo wabafokazi ; njengokubalela ngomthunzi wefu, kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.
Umsindo wamaphiko amakherubi wezwakala kwaze kwaba segcekeni elingaphandle njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.
Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla , nomsindo wesidu mo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho ; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane ; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.
Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe , nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo.
nomsindo wamaphiko ezidalwa athintanayo, nomsindo wamasondo eceleni kwazo, umsindo wokukhulu ukuduma.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo , ningahambi ngezimiso zami , ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,
Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba , ngokuba uJehova uyamelana nezizwe ; uyahlulela inyama yonke , kepha ababi uy akubanikela enkembeni, usho uJehova.
Kukhona umsindo wokulwa ezweni nowencithakalo enkulu.
ngokuba uJehova uyalichitha iBabele , aqede phakathi kwalo umsindo omkhulu; amaza alo ayahlokoma njengamanzi amakhulu , nomsindo wokuhlokoma kwawo uyezwakala,
Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.
Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli.
Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona.
iminyango ivalwe esitaladini , lapho umsindo wokusila uncipha , umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe;