Skip to Content

"umvini"

14 occurrences in ZUL

AbAhluleli 8:2

Wathi kubo: Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na ? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na?

AbAhluleli 9:12

Yayisithi imithi kuwo umvini: Woza wena, ube yinkosi yethu.

AbAhluleli 9:13

Umvini wathi kuyo : Ngiyakuliyeka yini iwayini lami elithokozisa onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?

AmaHubo 80:8

Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.

EkaJakobe 3:12

Umkhiwane, bazalwane ba mi, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na ? Amanzi kasawoti angeveze amnandi. Ukuhlakanipha okuvela phezulu

IsAmbulo 14:19

Ingelosi yayisiliphonsa isikela layo emhlabeni , yawuvuna umvini womhlaba, yawuphonsa esikhamweni sewa yini esikhulu solaka lukaNkulunkulu.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:12

Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile , nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.

U-Isaya 16:9

Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibim a njengokukhala kweJazeri , ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami, nawe Elehale, ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakho kuwile ukumemeza kwempi.

U-Isaya 24:7

Iwayini elisha liyalila , umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

UDuteronomi 32:32

Ngokuba umvini wab o ungumvini waseSodoma nowamasimu aseGomora; izithelo zabo ziyizithelo zenyongo, amahlukuzo abo amunyu;

UGenesise 40:9

Induna yabaphathizitsha yayisimlandisa uJosefa iphupho layo , yathi kuye: Ephusheni lami kwakukhona umvini phambi kwami;

UJoweli 1:12

Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi- apula, nemithi yonke yasendle kubunile , ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.

UJoweli 1:7

Sichithile umvini wami , saxebula umkhiwane wami ; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe.

UZakariya 8:12

Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula ; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.