Skip to Content

"umyeni"

28 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 1:23

Wayesethi u -Elkana umyeni wakhe kuye : Yenza okuhle emehlweni akho ; hlala uze umlumule ; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela . Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula.

1 uSamuweli 1:8

Wayesethi u -Elkana umyeni wakhe kuye : Hana, ukhalelani na ? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na ? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?

AbAhluleli 14:15

Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe , funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo ; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?

AbAhluleli 19:3

Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso , asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

AbAhluleli 20:4

UmLevi, umyeni wowesifazane ow ayebulewe, waphendula wathi : Ngafika eGibeya lakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukulala khona.

IsAmbulo 21:2

Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha , wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:3

Mina ngingowothandiweyo wami , nothandiweyo wami ungowami , lapho alusa phakathi kweminduze. Umyeni ubabaza umakoti wakhe

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:5

Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli , nomyeko wekhanda lakho unjengokububende; kuboshiwe inkosi ngesiyendane. Umyeni ukhuluma ngothando lwakhe

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:12

Isivini esingesami siphambi kwami ; inkulungwane mayibe ngeyakho , Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso. Umyeni nomakoti bayabizana Umnyeni:

NgokukaJohane 2:9

Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini , engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi , umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye:

NgokukaLuka 5:34

Kepha uJesu, wathi kubo: Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na?

NgokukaLuka 5:35

Kodwa kuzakufika izinsuku , lapho umyeni ezakususwa kubo ; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.

NgokukaMarku 2:19

UJesu wathi kubo : Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile.

NgokukaMarku 2:20

Kodwa zizakufika izinsuku , lapho umyeni ezakususwa kubo ; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku.

NgokukaMathewu 25:1

Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma ukuyohlangabeza umyeni.

NgokukaMathewu 25:10

Zisaya kuthenga, wafika umyeni. Ezazilungele zangena naye emshadweni ; kwavalwa emnyango.

NgokukaMathewu 25:5

Umyeni esalibele, zozela zonke, zalala.

NgokukaMathewu 25:6

Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi : Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!

NgokukaMathewu 9:15

UJesu w athi kubo : Abayeni bangalila yini , umyeni enabo na ? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.

UGenesise 29:32

ULeya wakhulelwa , wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi : UJehova ubonile ukuhlupheka kwami ; manje umyeni wami uyakungithanda.

UGenesise 29:34

Wabuye wakhulelwa , wazala indodana , wathi: Manje ngalesi sikhathi umyeni wami uyakunamathela kimi , ngokuba ngimzalele amadodana amathathu, ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uLevi.

UGenesise 30:15

Wathi kuye : Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na ? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na ? URaheli wathi : Ngalokho uzakulala nawe ngalobu busuku ngamamandragora endodan a yakho.

UGenesise 30:18

Wayesethi uLeya : UNkulunkulu unginikile umvuzo , lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami, waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.

UGenesise 30:20

Wayesethi uLeya: UNkulunkulu ungiphe isipho esihle ; manje umyeni wami useyakuhlala kimi , ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha , waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

UJeremiya 3:20

Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni , kanjalo ningikhohlisile nina ndlu ka-Israyeli, usho uJehova.

UJoweli 2:16

buthani abantu , ningcwelise ibandla , niqoqe abada la, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe , nomakoti emgonqweni wakhe.

URuthe 1:3

U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa ; kepha yena wasala namadodana akhe amabili.

URuthe 2:11

UBowazi waphendula, wathi kuye: Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili.