Skip to Content

"umzalwane"

37 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:10

Othanda umzalwane wakhe uhlala ekukhanyeni, akukho sikhubekiso kuye;

1 kaJohane 2:11

kepha ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona , ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.

1 kaJohane 2:9

Lowo othi usekukhanyeni , abe ezonda umzalwane wakhe , usesebumnyameni kuze kube kalokhu.

1 kaJohane 3:10

Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu , naye ongamthandi umzalwane wakhe.

1 kaJohane 3:15

Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali ; niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.

1 kaJohane 3:17

Kepha yena onemfuyo yezwe , ebona umzalwane wakhe eswele , amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?

1 kaJohane 4:20

Uma umuntu esho ukuthi : Ngiyamthanda uNkulunkulu , kepha ezonda umzalwane wakhe , ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.

1 kaJohane 5:16

Uma umuntu ebona umzalwane wa khe ona ngesono esingesiso esokufa , makacele, uyakumnika ukuphila , ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.

1 kwabaseKorinte 1:1

UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngu mphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,

1 kwabaseKorinte 6:6

Kodwa umzalwane umangalela umzalwane , nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na?

1 kwabaseKorinte 7:12

Kepha kwabanye kusho mina , akusho iNkosi , ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli;

1 kwabaseKorinte 7:15

Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe , makahlukane naye ; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo . Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula.

1 kwabaseKorinte 8:13

Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami , angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.

1 kwabaseThesalonika 3:2

sathuma uThimothewu umzalwane wethu , isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu , ukuba aniqinise , anivuse maqondana nokukholwa kwenu

2 kwabaseKorinte 12:18

Nganxusa uThithu , ngathuma kanye naye umzalwane ; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na ? Nangamkhondo munye na? Iziluleko zokugcina zikaPawulu kwabaseKorinte

2 kwabaseKorinte 1:1

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulu nkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:

2 kwabaseKorinte 2:13

angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.

2 kwabaseKorinte 8:18

Sithumele kanye naye umzalwane oludumo lwakhe ngevangeli lwandile kuwo onke amabandla,

2 kwabaseKorinte 8:22

Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi , kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.

EkaJakobe 1:9

Umzalwane ophansi makazincome ngokuphakama kwakhe,

EkaJakobe 2:15

Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze , beswela ukudla kwemihla ngemihla,

EkaJakobe 4:11

Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane , noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.

IzAga 18:19

Umzalwane owoniweyo ulukhuni ku nomuzi onamandla , nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

IzEnzo 9:17

Khona wahamba u -Ananiya, wangena endlini , wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: Sawulu umzalwane , iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo , ingithumile ukuba ubuye ubone , ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.

KuFilemoni 1:1

UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu , noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi,

Kwabase-Efesu 6:21

Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu e ngikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini,

KwabaseFilipi 2:25

Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami , nesithunywa senu , isikhonzi ekusweleni kwami,

KwabaseKolose 1:1

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , noThimothewu umzalwane

KwabaseKolose 4:7

Konke okuqondene nami uyakunazi sa khona uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,

KwabaseKolose 4:9

kanye no -Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo , ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. Isigcino

KwabaseRoma 14:10

Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na ? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na ? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.

KwabaseRoma 14:13

Ngakho masingabe sisahlulelana ; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.

KwabaseRoma 14:15

Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.

KwabaseRoma 14:21

Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.

KwabaseRoma 16:23

Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe , mina nebandla lonke . Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane.

UGenesise 14:14

Nxa u -Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe , wabutha izinceku z akhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe , ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili , wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.

UGenesise 14:16

Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe , nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu. O-Abrama noMelkisedeki