Skip to Content

"unami"

7 occurrences in ZUL

AmaHubo 23:4

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa , angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

AmaHubo 56:9

Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo ; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

IsAmbulo 22:12

Bheka, ngiyeza masinyane , nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.

NgokukaJohane 16:32

Bhekani, isikhathi siyeza , yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke , yilowo nalowo aye kokwakhe , ningishiye ngingedwa ; nokho angingedwa , lokhu uBaba unami.

NgokukaJohane 8:29

Ongithumileyo unami , kangishiyanga ngedwa , ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye. UJesu uphendulana nabaJuda ngo-Abrahama

UGenesise 31:5

Wathi kubo : Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi abusenjengayizolo nakuthangi kimi, kepha uNkulunkulu kababa unami.

UJeremiya 20:11

Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo; ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka, bangangahluli; bayakuba namahloni kakhulu , ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha, nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.