"unathanayeli"
5 occurrences in ZUL
NgokukaJohane 1:45
UFiliphu wafumana uNathanayeli , wathi kuye : Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofet hi, uJesu waseNazaretha , indodana kaJosefa.
NgokukaJohane 1:46
UNathanayeli wathi kuye: Kungase kuvele okuhle eNazaretha na? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.
NgokukaJohane 1:47
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye , wathi ngaye : Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.
NgokukaJohane 1:48
UNathanayeli wathi kuye: Ungazelaphi na? UJesu waphendula, wathi kuye: Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komkhiwane, ngakubona.
NgokukaJohane 1:49
UNathanayeli wamphendula wathi : Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu , uyiNkosi ka-Israyeli.