Skip to Content

"ungabi"

43 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:13

Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezah lulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo -Israyeli; qina, ume isibindi ; ungesabi, ungabi naluvalo.

1 iziKronike 28:20

Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.

2 kuThimothewu 1:8

Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo , kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

AmaHubo 22:11

Ungabi kude nami, ngokuba inhlupheko iseduze, nosizayo akakho.

AmaHubo 28:1

Ngikhala kuwe Jehova; Dwala lami, ungabi yisithulu kimi, funa kuthi, uma uthula kimi, ngifane nabashona emgodini.

AmaHubo 37:1

Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile.

AmaHubo 38:21

Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.

AmaHubo 71:12

Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize.

IzAga 19:2

Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi ; oshesha ngezinyawo uyaduka.

IzAga 22:24

Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,

IzAga 22:26

Ungabi ngowabaxhawulanayo, nowabayizibambiso zezikwenetu;

IzAga 23:20

Ungabi phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama.

IzAga 24:1

Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.

IzAga 24:19

Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngamashinga.

IzAga 24:28

Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu ; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?

IzAga 3:31

Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu , ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,

IzAga 3:7

Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho ; mesabe uJehova , udede ebubini.

KuFilemoni 1:14

kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho , ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.

KumaHeberu 13:4

Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke , umbhede ungabi nasisihla , ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

NgokukaJohane 20:27

Wayesethi kuTomase: Zisa lapha umunwe wakho, ubone izandla zami; zisa isandla sakho , usifake ohlangothini lwami ; ungabi ngongakholwayo kodwa okholwayo.

NgokukaMathewu 27:19

Esahlezi esihlalweni sokwahlulela , umkakhe wathumela kuye , wathi: Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo ; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.

U-Eksodusi 20:3

Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

U-Isaya 54:4

Ungesabi, ngokuba awuyikujabha , ungabi namahloni , ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho , ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.

UDaniyeli 11:4

Iyakwanele ukuvela nje , umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu , ungabi ngowenzalo yayo , ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho , ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.

UDuteronomi 28:13

UJehova uyakukwenza ube yinhloko , ungabi ngumsila ; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi , uma uyilalela imiy alo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,

UDuteronomi 31:8

UJehova nguye ohamba phambi kwakho ; uyakuba nawe ; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.

UDuteronomi 5:7

Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

UDuteronomi 7:2

nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho , uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,

UHezekeli 2:8

Kepha wena ndodana yomuntu , yizwa engikukhulumayo kuwe , ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo ; vula u mlomo wakho , udle engikunika khona.

UHezekeli 3:26

Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

UHoseya 3:3

ngathi kuye : Uyakuhlala kimi izinsuku ezin ingi, ungafebi, ungabi ngowomunye, nami ngibe njalo kuwe.

UHoseya 4:6

Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi ; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena , ungabi ngumpristi wami ; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.

UJeremiya 16:2

Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.

UJeremiya 17:17

Ungabi luvalo kimi; uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.

UJoshuwa 1:9

Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

UJoshuwa 8:1

UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi, ungabi naluvalo ; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;

ULevitikusi 19:17

Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho ; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.

ULevitikusi 19:18

Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho , kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.

UNumeri 18:20

UJehova wathi ku -Aroni: Awuyikuba nafa ezweni lakubo , futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo ; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

UZakariya 1:12

Yayisithatha ingelosi kaJehova , yathi: Jehova Sebawoti , koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithu kuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?

UmShumayeli 5:2

Ungabi namawala ngomlomo wakho , nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini , wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.

UmShumayeli 7:16

Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu ; uzichithelani na?

UmShumayeli 7:17

Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula ; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?