Skip to Content

"ungangeni"

8 occurrences in ZUL

AmaHubo 143:2

Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.

IzAga 23:10

Ungasusi isikhonkwane esidala, ungangeni emasimini ezintandane,

IzAga 27:10

Ungashiyi umngane wakho nomngane kayihlo , ungangeni endl ini yomfowenu ngosuku lwengozi yakho ; ungcono umakhelwane oseduze kunomfowenu okude.

IzAga 4:14

Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.

NgokukaMarku 8:26

Wayithumela ekhaya layo, wathi: Ungangeni emzini wabantu. Isivumo sikaPetru (Math. 16:13; Luk. 9:18)

U-Obadiya 1:13

Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo , ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo , ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.

UGenesise 49:6

Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami , ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu ; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

UJeremiya 16:5

Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Ungangeni endlini yesililo , ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu , usho uJehova, kanye nomusa nobumnene.