Skip to Content

"unginikile"

7 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 1:27

Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye;

2 iziKronike 36:23

Usho kanje uKoresi , inkosi yasePheresiya , uthi: U Jehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda . Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu makabe naye, akhuphuke.

2 uSamuweli 22:36

Wena unginikile isihlangu sensindis o yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.

AmaHubo 18:35

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho , isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.

U-Ezra 1:2

Usho kanje uKoresi inkosi yasePheresiya , uthi: UJehova uNkulunkulu wezulu unginikile yonke imibuso yomhlaba ; ungiyalile ukumakhela indlu eJerusalema lakwaJuda.

UGenesise 30:18

Wayesethi uLeya : UNkulunkulu unginikile umvuzo , lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami, waqamba igama lakhe ngokuthi u-Isakare.

UGenesise 3:12

U-Adamu wathi: Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami , unginikile kuwo umuthi, ngadla.