Skip to Content

"ungiphendule"

9 occurrences in ZUL

AmaHubo 102:2

Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.

AmaHubo 13:3

Bheka neno, ungiphendule, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ngize ngingalali ubuthongo bokufa,

AmaHubo 143:1

Jehova, yizwa umkhuleko wami , ubeke indlebe ekuncengeni kwami ; ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

AmaHubo 143:7

Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.

AmaHubo 27:7

Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule.

AmaHubo 55:2

Ngizwele, ungiphendule; ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula

AmaHubo 69:17

Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho, ngokuba ngiyahlupheka; shesha ungiphendule.

AmaHubo 86:1

Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.

UJobe 13:22

Khona mawubize, mina ngiyakuphendula , noma kukhulume mina , wena ungiphendule.