Skip to Content

"ungithumile"

14 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 2:2

U-Eliya wathi ku -Elisha: Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha u-Elisha wathi : Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele.

2 AmaKhosi 2:4

U-Eliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.

2 AmaKhosi 2:6

U-Eliya wathi kuye : Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili.

NgokukaJohane 17:21

ukuba bonke babe munye , njengalokhu wena Baba ukimi , nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.

NgokukaJohane 17:23

mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.

NgokukaJohane 17:25

Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.

NgokukaJohane 5:36

Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane , ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze , yona le misebenzi engiyenzayo , iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.

NgokukaJohane 6:57

Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile , nami ngiphila ngoBaba , lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

NgokukaJohane 8:42

Wathi kubo uJesu : Uma uNkulunkulu ebenguyihlo , beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu ; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile.

U-Eksodusi 3:13

UMose wayesethi kuNkulunkul u: Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa - Israyeli, ngithi kubo: U Nkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini , bese bethi kimi: Ngubani igama lakhe? ngizakuthini kubo na?

U-Eksodusi 3:14

UNkulunkulu wathi kuMose : Nginguye enginguye. Wathi: Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: UNgikhona ungithumile.

U-Eksodusi 3:15

UNkulunkulu wathi futhi kuMose: Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa - Israyeli, uthi: UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka -Isaka, noNkulunkulu kaJakobe , ungithumile kini . Yileli eliyigama lami kuze kube phakade , lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.

U-Isaya 48:16

Sondelani kimi , nizwe lokhu ; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke , ngangikhona. Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

UNumeri 16:28

UMose wathi : Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.