Skip to Content

"uninazala"

7 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 12:53

bayakwahlukana, uyise nendodana , indodana noyise ; unina nendodakazi , indodakazi nonina ; uninazala nomalokazana wakhe , umalokazana noninazala.

UMika 7:6

Ngokuba indodana idelela uyise ; indodakazi ivukela unina ; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.

URuthe 1:14

Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala , kepha uRuthe wanamathela kuye.

URuthe 2:18

Wakuthatha, wangena emzini ; uninazala wabona lokho abekukhothozile ; wakhipha, wamnika lokho akushiyile esesuthile.

URuthe 2:19

Uninazala wathi kuye : Ukhothozephi namuhla na ? Usebenzephi? Makabusiswe lowo okunakileyo . Wamtshela uninazala ukuthi ubesebenza kubani, wathi: Igama lomuntu engisebenzile kuye namuhla linguBowazi.

URuthe 3:1

UNawomi uninazala wathi kuye : Ndodakazi yami , angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na?

URuthe 3:6

Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.